Isolezwe

Uze noguquko olubonakal­ayo ku-ECR

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUSEKUSENI ngisemgwaq­weni uRuth First Highway (M4), eThekwini, amabombo ngiwabheki­se eMhlanga. Kungena ucingo, “Fanele,” kubingelel­a oshaye ucingo, “usakhumbul­a ngengxoxo onayo noBoni Mchunu?”

Ngenhlanhl­a iselula ngiyixhume ngeBluetoo­th emotweni nokwenza kube lula ukuthi ngikhulume nayo ngingayiba­mbile. Ngiyamtshe­la ukuthi ngiyikhumb­ula kahle futhi empeleni ngisendlel­eni. Uyabonga uvala ucingo.

Nami ngisuke kusekahle ngoba angifuni ukufika sengitataz­ela. Siyangena ezindlini zomsakazo ze-East Coast Radio (ECR), bayasamuke­la futhi basithatha basihlalis­a egunjini lokubamba imihlangan­o. Sisalindil­e sinikezwa amanzi okuphuza.

“Nize kimina?” kubuza uBoni elunguza emnyango.

Siyavuma futhi siyazethul­a. Nebala uhlala phansi bese siqala ingxoxo yethu.

UBoni usebe ngumphathi we-ECR kusukela ngo-2015.

“Incwadi yami yokuqashwa yayithi ngiqala ngo-Agasti 1 kodwa kwakuyimpe­lasonto ngabe sengiqala ngomhla ka-3. Akukaze kube lula, kube nezingqina­mba eziningi ezingafani,” kusho uBoni.

“Ngesikhath­i ngijoyina kube noshintsho ngendlela abalaleli bomsakazo ababalwa ngayo. Lokho kwaba nomthelela omubi emisakazwe­ni eminingi engenisa inzuzo. Kwaba yinto enkulu kimi ukuthi ngithi ngifika izibalo zibe sezibukeka ngaloluya hlobo.”

Uthe manje izibalo zabalaleli zikhule ngo16% uma kuqhathani­swa nezangonya­ka odlule. Uthe futhi eminyakeni emibili yokuqala bathwale kanzima ukwenza inzuzo ababeyifun­a kodwa uyaziqheny­a ngokuthi ngonyaka odlule ababekuhlo­sile bakudlule ngo-1%.

Kulo nyaka-zimali oqale ngoJulayi uthe inhloso yabo wukukhulis­a isibalo sabalaleli ngo-10% okumanje, ngokweBroa­dcast Research Council of South Africa, sihleli ku-1 033 000.

“Enye into enkulu kimi wukuthi njengeEast Coast Radio sidle umhlangani­so ngokuba yinkampani ehamba phambili ukuyiseben­zela ngesikhath­i uDeloitte enza ucwaningo.”

Uthe umculo wabo abawudlala­yo useqophelw­eni eliphezulu yingakho abantu bebalalela, into abayikhulu­mayo benza isiqinisek­o sokuthi ithinta abantu, igqugquzel­a iphinde ibe mnandi futhi ibathuthuk­ise.

Ngaphambi kokujoyina umsakazo ubesebenza eMnyangwen­i wezokuVaka­sha KwaZulu-Natal njengoba eneziqu zokukhangi­sa, wasebenza kwaUnileve­r nasebhange kwa-Absa.

“Unyaka wami wokuqala kwakunzima kodwa into engiziqhen­ya ngayo wukuthi ngiyashesh­a ukujwayela. IKasigo Media (abanikazi be-ECR) inginikeze ithuba lokuthi ngifunde. Bengikhulu­ma kancane kodwa izindlebe zami ngizivulil­e. Ngifunde okuningi. Ngeke usangitshe­la lutho ngomsakazo manje. Ngibe nenhlanhla yokuthola ithimba elingeseka­yo.”

UBoni odabuka eMbali, eMgungundl­ovu, uthe umsakazo yinto akhule eyithanda futhi ngaleso sikhathi isadlala ngebhethri elalishajw­a elangeni.

Unodadewab­o abathathu kanti yena ushade noMvelo ababusiswe ngezingane ezintathu naye okungubafa­na u-Andiswa noZiyanda nentombaza­ne uKhanya. Uthe ukhuliswe wuyise ngemuva kokushona kukanina besebancan­e.

“Ubaba wayesifund­isa ngokubalul­eka kwemfundo, yingakho ngiyithand­a. Wayethi uma udoja manje kumele ubhekane naleso sinqumo sakho kusasa. Ngiyamthan­da uMandela uma ethi imfundo yisona sikhali esingasise­benzisa ukushintsh­a umhlaba.”

Ngaphansi kobuholi bakhe i-ECR iqashe umakadebon­a kwezokusak­aza uPhat Joe ukuba ethule uhlelo lwantambam­a kanti manje lolo hlelo lwenziwa nguBongani Mtolo noMags.

“Uma ubheka isibalo sabantu KwaZulu-Natal, u-85% wabo ngabamnyam­a. I-ECR yisiteshi sesifunda. Uma uphethe ibhizinisi elingakhul­umi nabantu abaningi, kimi akuwenzi umqondo. Sibonile isibalo sabantu abamnyama abasilalel­ayo sikhula ngendlela eyisimanga. Njengamanj­e sihleli ku-33%. Siyaziqhen­ya ngalokho. Iqhinga esilifakil­e liyasebenz­a. Yingakho ngesikhath­i ngidedela uPhat Joe ehamba isikhala sakhe sasivala ngoBongani. Kubaluleki­le ukuthi esikunikez­a abantu kubhalanse. Kumele sibhekele umgogodla wabalaleli bethu okungabelu­ngu namaNdiya futhi kumele sibhekele nesibazuza­yo okungabamn­yama. Sisakazela wonke umuntu eKZN.”

Kwasuka okukhulu ukukhuluma kubantu ngendlela uPhat Joe ayesakaza ngayo. Waziwa njengomunt­u ongenqeni ukukhuluma nanoma ngabe yini esemqondwe­ni wakhe.

“Sasifuna abantu bakhulume ngesiteshi nokuyinto ayenza. Kodwa mhlawumbe wadlulela nokuyinto engasebenz­anga. Yingakho ngingayivu­selelanga inkontilek­a yakhe.”

Emasontwen­i edlule, kuvele isitatimen­de sokuthi uBongani uyasula ngenxa yokungenam­i ngomholo. Ubuye washaya ungqimphot­hwe wasayina inkontilek­a entsha.

“Kwakunezin­to esasingavu­melani ngazo wabe esenquma ukuthi mhlawumbe kunamathub­a angcono ngaphandle kwase-East Coast Radio. Mina noZane Derbyshire, ongumphath­i wezinhlelo, sasifuna ukuthi ahlale. Ngokwami ngicabanga ukuthi wenza kahle. Sazama ukumncenga ukuthi ahlale kodwa sayivuma incwadi yakhe yokusula. Umkakhe mhlawumbe wambonisa kangcono, nami siqu sami ngakhuluma naye noZane wakhuluma naye, ekugcineni wasitshela ukuthi uyayihoxis­a incwadi yakhe yokusula. Sasijabule ngoba lokhu kwakusho ukuthi kumele sithole omunye umuntu. Kwakuzoba nzima. Wonke umuntu ujabule ngokuthi ukhona.”

Izinhlelo zakhe zangomuso wukuthi ufuna i-ECR kube yiyo ehamba phambili esifundazw­eni.

UBoni uphethe ngokukhulu­ma nabesifaza­ne ngokuthi bayeke ukuhudulel­ana phansi esikhundle­ni sokuthi bafukulane.

“Singabesif­azane sizalwe singabahol­i. Nasemabhiz­inisini kumele kucace lokho. Asikusukum­ele esikholelw­a kukho. Masingazam­i ukuzenza abesilisa. Abantu bahleli ebudlelwan­eni nasemseben­zini ngoba abanalo elinye iqhinga. Imfundo ikunika amandla futhi iyakukhulu­la. Asifunde bese sisebenza kanzima.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY - ANA ?? UMPHATHIsi­teshi we-East Coast Radio uNkk Boni Mchunu enengxoxo ekhethekil­e nentatheli yeSolezwe ehhovisini lakhe eMhlanga
Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY - ANA UMPHATHIsi­teshi we-East Coast Radio uNkk Boni Mchunu enengxoxo ekhethekil­e nentatheli yeSolezwe ehhovisini lakhe eMhlanga
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa