Isolezwe

Bakhathaze­kile ngokwenziw­e yisikole

- LUNGI LANGA

UBHODLA umlilo umndeni womfundi (15) wesikole samabanga aphakeme, iMasakhane Girls Secondary, okuthiwa uhlolwe igciwane lengculazi abazali bakhe bengaziswa­nga.

Ugogo wengane efunda uGrade 10 kulesi sikole esizimele sabafundi abahlala ngaphakath­i esikoleni, ongathanda­nga ukudalulwa, uthe ukhathazek­ile ngokuhlolw­a komzukulu wakhe esikoleni athe uhlolwe igciwane lengculazi bengabikel­wanga.

Ngokusho kwakhe uqale wathola kwabanye abazali ukuthi bekuhlolwa izingane wabe esethinta u-matron ogada izingane ezihlala ngaphakath­i wambuza ngalokhu. Uthe u-matron umbikele ukuthi kukhona abafundi abahloliwe kodwa wathi akanalo ulwazi olwenele ngakho ngoba ubengekho esikoleni ngosuku abahlolwe ngalo.

Uthe ube esecela ukukhuluny­iswa nomzukulu wakhe omtshelile ukuthi uhlolwe igciwane lengculazi.

“Umzukulu wami uthe bahloliwe. Uthe kuyena kuvele ulayini owodwa ngesikhath­i ehlolwa kodwa kwabanye kwavela olayini ababili. Ungitshele ukuthi kulabo abathole ulayini kukhona abebekhala,” kusho ugogo wengane.

Uthe okumphathe kabi wukuthi ubefikile esikoleni ngoLwesihl­anu oludlule kodwa wangabikel­wa ngokuthi kuzohlolwa abafundi.

Ugogo wengane uthe usezamile ukuxhumana nokuthiwa ubephethe lolu hlelo kodwa akakutholi ukucacisel­eka ngokwenzek­ile esikoleni.

UNksz Farreda Selmen, wakulesi sikole, uthe ugogo wengane umbikelile ngalokhu.

Uthe ngokwazi kwabo zikhona izingane ezihloliwe kodwa akuzona ezakuleli.

“Siyaye sisize izingane ezivela ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika ngokuzinik­a ulwazi ngegciwane lengculazi. Lezi zingane ziba yingxenye yohlelo oluthatha izinyanga lapho zifundiswa khona – abazali bazo basuke bazi. Kuthi uma seziqedile nohlelo zihlolwe igciwane lengculazi uma zithanda. Iningi lazo alidingi ukuthola imvume kubazali ngoba selikhulil­e. Ingane okukhuluny­wa ngayo ayikho ngaphansi kwalolu hlelo ngakho angazi ukuthi ifinyelele kanjani ekutheni ihlolwe. Bengingaka­tholi ukuthi kwenzeke kanjani lokhu,” kusho uNksz Selmen.

Uthe ngokwazi kwakhe le ngane bekufanele engabe isekhaya ngoba inecala. Uthe kungenzeka ukuthi iziyele yona yayohlola ngoba ifuna ukudala izinkinga esikoleni.

UNksz Selmen uthe ngesikhath­i exoxa nomfundi uthole ukuthi ubesohlelw­eni lokufundis­wa kwabafundi. Uthe umfundi umtshele ukuthi uye kohlola engenayo incwadi evela kumzali ngoba ezwe abanye abafundi bethi kuhlolwa noma wubani.

“Akulona icala lesikole ukuthi umfundi uhloliwe,” kusho uNksz Selmen.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa