Isolezwe

Isexwayiso kothisha abakokotel­a iziqu

- MHLENGI SHANGASE

UMKHANDLU olawula othisha kuleli iSouth African Council for Educators (SACE) uthi usebenzisa­na noKlebe ukubamba othisha abakokotel­a iziqu zokufundis­a.

Lo mkhandlu uxwayise labo thisha abafuna ukuthatha amashansi ngokubhali­sa kuwona besebenzis­a iziqu ezingombom­bayi ukuthi banezinhle­lo zokubheka ubuqiniso bazo zonke iziqu ezilethwa kulo mkhandlu.

Okhulumela umkhandlu, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe bayabanjwa bagwetshwe labo thisha abakokotel­a iziqu zokufundis­a.

Uthe lo mkhakha akuwona owokuthi abantu bathathe amashansi ngoba babhekele ikusasa lezingane.

UNdhlovu uthe uthisha owabanjwa emahhovisi alo mkhandlu ngoMeyi ezobhalisa ngeziqu ezingumbom­bayi ugwetshiwe yinkantolo muva nje.

“NgokoKlebe lo thisha ugwetshwe yinkantolo yezimali ePitoli ngeledlule, wanikwa isigwebo sezinyanga ezingu-12, elengiselw­e iminyaka emithathu.

“Unikwe umbandela wokuthi angatholak­ali enza icala elifanayo,” kusho uNdhlovu.

Uthe bayasamuke­la lesi sinqumo ngoba sizothumel­a umyalezo oshubile kulabo abakokotel­a iziqu zokufundis­a. “Njengoba sisebenzis­ana noKlebe, kuleli sonto sizothula kulolu phiko amacala angu-18 ukuze aphenywe.

“Akhona amanye amacala asezandlen­i zalolu phiko.

“Mathathu eMpumalang­a, lilodwa eLimpopo abe mathathu eGauteng,” kusho uNdhlovu.

Unxuse umphakathi ukuthi ubike labo abasebenza ngeziqu zomgunyath­i.

UNdhlovu uthe bafuna oKlebe baphenye nomsuka walezi ziqu nalapho zigaywa khona.

“Njengoba sibabamba nje sifuna baveze lapho bezithola khona lezi ziqu ukuze sivale lesi sidleke.”

Uthe uma kukhona abakusolay­o ngeziqu ezilethwa othisha bashayela izikhungo abazithola khona babheke ukuthi lowo muntu unazo ngempela iziqu azithole kuleyo nyuvesi wathi lokhu bakwenza ukuze baqede ngabakokot­ela lezi ziqu.

 ??  ?? THEMBA NDHLOVU
THEMBA NDHLOVU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa