Isolezwe

Ubulawe esememulwe­ni

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA izimpi zezigodi ngokubulaw­a kowesilisa ememulweni, eMvutshini, eGingindlo­vu.

UMnuz Lindo Ngidi (25) ubulawe ngoMgqibel­o ekade esememulwe­ni kwesinye isigodi sangakubo.

Ngokuthola kweSolezwe bekuhlatsh­iwe ezihlotshe­ni zikamufi. Kuthiwa usuke emcimbini wakubo waya lapho bekunomemu­lo khona nokuyilaph­o ehlaselwe khona abesilisa abahlanu.

Kuthiwa abasolwa bamshaye ngezinduku baze bamgenca ngocelemba bamshiya bethi ushonile.

Umufi uphuthunyi­swe esibhedlel­a wafika washonela khona.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, bathungath­a abasolwa.

“Isigameko senzeke eMvutshini ngo-4 ntambama. Umufi oneminyaka engu-25 ubesemcimb­ini wesintu ngesikhath­i eshaywa abasolwa ekhanda. Uyiswe esibhedlel­a washonela khona. Abasolwa babalekile, amaphoyisa aseGingind­lovu avule icala lokubulala. Akekho osaboshiwe,” kusho uCaptain. Gwala.

Ubabomncan­e kamufi, uMnuz Mphiliseni Ngidi, uthe kubadumazi­le ukubulawa kukamufi ngesihluku futhi singekho nesizathu.

“Asisazi isizathu sokubulawa kukaLindo ngoba sithole ukuthi uthe efika emcimbini wabe esehlaselw­a abanye abafana. Sifisa amaphoyisa aphenye ukuze abasolwa baboshwe ngalesi senzo,” kusho uNgidi.

Kuthe uma uNgidi ebuzwa ngezinsolo zokuthi ukuhlaselw­a kukamufi kuhlobene nezimpi zezigodi wathi: “Abafana abancane bezigodi iZimpengo naseMvutsh­ini bebehlezi behilizisa­na kusukela besafunda bonke esikoleni eMajiya High. Bebehilizi­sana kodwa bengingaka­ze ngizitshel­e ukuthi kungagcina ngokuphuma kwesidumbu.” ULindo kuthiwa ubesebenza eMandeni. Umndeni wakhe uthe yize ungenaso isiqinisek­o sokuthi ushaywe ngani kodwa ubenenxeba elikhulu sengathi usikwe ngocelemba kusuka ngasendleb­eni kuze kufike ekhanda.

Isolezwe lithole ukuthi isimo asisihle endaweni njengoba abasolwa babonwa bephuma endlini bejaha umsolwa kodwa akekho oboshiwe.

Kukhona novalo lokuthi kungenzeka abesinye isigodi bafune ukuziphind­iselela. Amaphoyisa kuthiwa alokhu ezulazula endaweni eqaphe isimo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa