Izazi zichaza ngeyokuntenga kweRandi
IZAZI zomnotho zithi amaphaphu phansi kubantu ngokuntenga kweRandi ngoba akuphathelene nesimo sangaphakathi eNingizimu Afrika kodwa lintengiswa yisimo esenzeka emhlabeni jikelele.
NgoMsombuluko, abantu bavuke iRandi libiza uR16.06 uma liqhathaniswa ne-US Dollar (USD), liwuR19.20 kuPondo waseBritain bese liba wuR17.13 kwi-Euro.
Abantu bebebuza ukuthi ngabe liwiswa yini iRandi nokuthi ngabe lokhu kuzoba nomthelela muni kubantu bakuleli abashaywa yizindleko zokunyuswa kwentela.
Isazi somnotho nezomthetho uSolwazi Bonke Dumisa sicele abantu ukuthi behlise amaphaphu ngoba iRandi bese libiza uR14.23 uma liqhathaniswa ne-USD liwuR18.19 kuPondo waseBritain bese liba wuR16.26 kwi-Euro.
“Ngiyathemba ukuthi wumlilo wamaphepha lokhu okwenzeka eRandini futhi abantu ngeke bazithole sebekhokha kakhulu. Inkinga kube wukuthi uhulumeni wase-United States unyuse intela ekhokhwa abathumela insimbi nomkhiqizo we-aluminium kuleliya lizwe. ILira okuyimali yaseTurkey ivele yaphelelwa ngamandla ngoba abantu bese bekhipha imali yabo emabhange,” kusho uDumisa.
Uthe iNingizimu Afrika iyathinteka kulokhu ngenxa yokuthi abahweba ezimakethe zomhlaba basheshe bakhiphe imali yabo uma bebona ukuthi imali yamazwe asathuthuka ilahlekelwa ngamandla.
“Abantu abahweba ezimakethe zomhlaba bawothathekile, uma bekhipha imali yabo eNingizimu Afrika iRandi livele lintenge. Akusho ukuthi kukhona okubi okwenziwe wuhulumeni kodwa siyabona ukuthi iRandi selibuyelwe ngamandla njengoba selihweba ngoR14.23 lisuka kuR16.06 uma liqhathaniswa ne-USD.”
UDkt Azar Jammine oyiChief Economist kwa-Econometrix uthe ukuntenga kweRandi yinto ezodlula ngoba akwenziwa ngamaphutha kahulumeni waseNingizimu Afrika. “Izinqumo zikahulumeni azinawo umthelela ekunyukeni kweRandi kulokhu kodwa okwenzekile wukuthi lithuswe yizinto ezenzeka emazweni omhlaba. Ukuphelelwa amandla kweLira laseTurkey yikhona okuntengise iRandi. Akusilona lodwa iRandi eliphelelwe ngamandla kodwa nemali yakwamanye amazwe okubalwa eyaseJapan ithintekile ngakho abantu abehlise amaphaphu.”