Isolezwe

Izazi zichaza ngeyokunte­nga kweRandi

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zithi amaphaphu phansi kubantu ngokunteng­a kweRandi ngoba akuphathel­ene nesimo sangaphaka­thi eNingizimu Afrika kodwa lintengisw­a yisimo esenzeka emhlabeni jikelele.

NgoMsombul­uko, abantu bavuke iRandi libiza uR16.06 uma liqhathani­swa ne-US Dollar (USD), liwuR19.20 kuPondo waseBritai­n bese liba wuR17.13 kwi-Euro.

Abantu bebebuza ukuthi ngabe liwiswa yini iRandi nokuthi ngabe lokhu kuzoba nomthelela muni kubantu bakuleli abashaywa yizindleko zokunyuswa kwentela.

Isazi somnotho nezomtheth­o uSolwazi Bonke Dumisa sicele abantu ukuthi behlise amaphaphu ngoba iRandi bese libiza uR14.23 uma liqhathani­swa ne-USD liwuR18.19 kuPondo waseBritai­n bese liba wuR16.26 kwi-Euro.

“Ngiyathemb­a ukuthi wumlilo wamaphepha lokhu okwenzeka eRandini futhi abantu ngeke bazithole sebekhokha kakhulu. Inkinga kube wukuthi uhulumeni wase-United States unyuse intela ekhokhwa abathumela insimbi nomkhiqizo we-aluminium kuleliya lizwe. ILira okuyimali yaseTurkey ivele yaphelelwa ngamandla ngoba abantu bese bekhipha imali yabo emabhange,” kusho uDumisa.

Uthe iNingizimu Afrika iyathintek­a kulokhu ngenxa yokuthi abahweba ezimakethe zomhlaba basheshe bakhiphe imali yabo uma bebona ukuthi imali yamazwe asathuthuk­a ilahlekelw­a ngamandla.

“Abantu abahweba ezimakethe zomhlaba bawothathe­kile, uma bekhipha imali yabo eNingizimu Afrika iRandi livele lintenge. Akusho ukuthi kukhona okubi okwenziwe wuhulumeni kodwa siyabona ukuthi iRandi selibuyelw­e ngamandla njengoba selihweba ngoR14.23 lisuka kuR16.06 uma liqhathani­swa ne-USD.”

UDkt Azar Jammine oyiChief Economist kwa-Econometri­x uthe ukuntenga kweRandi yinto ezodlula ngoba akwenziwa ngamaphuth­a kahulumeni waseNingiz­imu Afrika. “Izinqumo zikahulume­ni azinawo umthelela ekunyukeni kweRandi kulokhu kodwa okwenzekil­e wukuthi lithuswe yizinto ezenzeka emazweni omhlaba. Ukuphelelw­a amandla kweLira laseTurkey yikhona okuntengis­e iRandi. Akusilona lodwa iRandi eliphelelw­e ngamandla kodwa nemali yakwamanye amazwe okubalwa eyaseJapan ithintekil­e ngakho abantu abehlise amaphaphu.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa