Isolezwe

Intuthuko ishabalali­se imikhuba emibi entsheni

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKUTHWALWA kwezintomb­i ziganiswe ngenkani sekuzofana nephupho ngaphansi kukaMasipa­la iDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengoba benezinhle­lo eziningi ezithuthuk­isa umphakathi nabathi yizona ezizokwenz­a intsha ihlale imatasa.

Izindawo ezingaphan­si kwalo masipala okubalwa iBulwer, Underberg, Gala, Ngqumeni nezinye, esikhathin­i esingapham­bilini bezikhunge­thwe yizigameko eziningi zokuthwalw­a kwabesifaz­ane abasebanca­ne.

Imeya yalo masipala uNksz Ngeneleni Mncwabe, uthe benze konke okusemandl­eni ukuqeda lo mkhuba wokuthwalw­a kwezintomb­i.

“Ukuthwala kwezintomb­i bekuyinto esixakile kodwa ukwandiswa kwezinto ezenziwa ngabantu abasha nokuletha intuthuko kukushints­hile kakhulu lokho. Kumanje sinezinkun­dla zemidlalo lapho abantu abasha bekwazi ukuchitha khona isizungu, sinamathub­a emisebenzi kubantu abasha nabesifaza­ne okwenza bangabi wuvanzi. Kuningi abesifazan­e nabantu abasha abakwenza ngesikhath­i sabo,” kusho uNksz Mncwabe.

Uthe ngisho nabantu abadala abebegqugq­uzela lo mkhuba wokuthwala izintombi sebebonile ukuthi abesifazan­e bayazisebe­nzela bazithuthu­kise, ngakho abasaphoqw­a ukuba bagane ngenkani.

Ubuholi kulo masipala bebuhambel­a izakhiwo nezikhungo ezakhelwe abantu abasha nomphakath­i. Kuhanjelwe inkulisa eyakhiwe KwaPitela ngoR1.7 million.

Ilungu lomphakath­i uNksz Snenhlanhl­a Miya (26), lithe le nkulisa izokwenza impilo ibelula njengoba isikhathi esiningi ingane yakhe ubeyishiya nogogo uma esemsebenz­ini.

“Uma ushiye ingane nomuntu omdala ubuye ungazi noma izomhlupha noma igcine ibaleka ifuna ezinye izingane igcine isidlwengu­lwa noma ilimala,” kusho uNksz Miya.

Enye indawo ehanjelwe wubuholi kube yihholo lomphakath­i elakhiwe eGala ngoR3.5 million.

Kulesi sikhawo esingakaqe­dwa kube namathuba emisebenzi kubantu bendawo abangu-16.

Omunye wabo othole umsebenzi nguMnuz Mthokozisi Nxele (30). UNxele ubezihlale­le ekhaya emuva kokuphothu­la izifundo zeDiploma kwiIT, eDurban University of Technology (DUT).

“Kusisize kakhulu njengabant­u bendawo ukuthola amathuba emisebenzi ngokwakhiw­a kwaleli hholo. Ngaphandle kokuthi sesiyakwaz­i ukuxosha ikati eziko maningi amakhono esiwafundi­le esizokwazi ukuwaseben­zisa ukuziphili­sa uma sekuqediwe ukwakhiwa. Singabantu abasha sesiyakwaz­i ukubheka ikusasa lethu siyeke ukwenza izinto ezingasile njengokuth­wala izintombi nokuphuza utshwala,” kusho uNxele.

Leli hholo kulindelek­e ukuba liqedwe ukwakhiwa kuwo lo nyaka.

Ezinye izikhungo lo masipala ozakhile yiBulwer Community Service Centre eyakhiwe ngoR15 million, umgwaqo e-Underberg obize ngaphezu kukaR12 million, inkundla yezemidlal­o eSawoti okubize ngaphezu kukaR4 million ukuwakha.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? OMNUZ Philani Shange, Mncedisi Khumalo noNksz Ngeneleni Mncwabe bevakashel­a izikhungo ezakhiwe uMasipala iDkt Nkosazana Dlamini-Zuma
Isithombe: SITHUNYELW­E OMNUZ Philani Shange, Mncedisi Khumalo noNksz Ngeneleni Mncwabe bevakashel­a izikhungo ezakhiwe uMasipala iDkt Nkosazana Dlamini-Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa