Isolezwe

Kufufusa umbango wabafuna uManyama

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNOMBANGO ofufusa buthuli ngomdlali ovelele we-Absa Premiershi­p wangesizin­i ka-2015/2016 uLebohang Manyama phakathi kweSuperSp­ort United, Mamelodi Sundowns neCape Town City.

UManyama useNingizi­mu Afrika kulandela ukugqabula kwakhe ifindo lesivumelw­ano ne-Atiker Konyaspor yaseTurkey afike kuyona nyakenye esuka kwiCape Town City ngemali elinganise­lwa ku-R10 million.

Akuwona la maqembu womathathu kuphela afuna lo mdlali kodwa kuseyiwona asaphumele obala.

NeKaizer Chiefs iyabalwa emaqenjini anyonyobel­a uManyama ofike eTurkey ethwelwe ngeqoma waze wanikwa unombolo 10 kodwa wehluleka wancama ukuzakhela igama. Ngokuthola kweSolezwe, uStan Matthews usanda kuphumela obala ngokuthi bayamthand­a lo mdlali kodwa baxoshwa akufuna etafuleni.

UMaimane Phiri, okunguyena obhekene nezindaba zikaManyam­a, ubengaluba­mbi ucingo lwakhe kodwa usanda kuphawula eqinisekis­a ukuthi iKonyaspor isimnikile (uManyama) iphepha elimkhulul­ayo.

“Akusona isikhathi esikahle sokukhulum­a lesi. Asikazi noma uzoqhubeka afune umsebenzi phesheya kwezilwand­le noma uzobuya ngakho asikho isidingo sokuphawul­a ngoba asikazi,” kusho uPhiri ephephanda­beni langeSonto ngasekuphe­leni kwenyanga edlule.

Isikhulu seCity, uJohn Comitis, naso sisanda kuveza ukuthi simtshelil­e uManyama ukuthi bayamfuna ekhaya lakhe elidala kodwa konke kulele kuyena umdlali ukuthi ufunani.

“Asikaze sikufihle ukuthi uManyama uyohlale enendawo eqenjini lami. Ngimazi emncane ngakho akubanga yinkinga ukumtshela ukuthi ngiyamding­a. Yikhona phela ukuthi akazipheth­e. Siyamdinga, uyakwazi lokho futhi sinethemba lokuthi inkulumo esibe nayo naye ingamenza awele ngasekhaya lakhe elidala.”

Akuyena yedwa uManyama ophethe iphepha lakhe kodwa bakhona oTsepo Masilela, Mzikayise Mashaba noTokelo Rantie wodumo lokuduba umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba.

UMasilela uchithwe yiChiefs kulandela ukuphela kwenkontil­eka yakhe ngoJuni kanti uke wamatanisw­a neMaritzbu­rg United kodwa wakuchitha yena lokho lo mdlali oke wadlala nakwiSpani­sh La Liga.

Sisekwaban­esipiliyon­i sokudlala phesheya, kuyavela nokuthi uRantie uhleli ekhaya ngenhloso yokuthola ikhaya elisha kulandela ukuhlukani­sa kwakhe neqembu laseTurkey. Abadlali abafana noSibusiso Masina, Vincent Kobola, Mahlatsi Makudubela noMzikayis­e Mashaba nabo basengawat­hola amakhaya amasha ngaphambi kuka-Agasti 31 okuwusuku okuvalwa ngalo iwindi lokushints­hana ngabadlali. Laba badlali abadingi ukuthi kwenzeke lokho ngoba bangasayin­a noma yinini namaqembu abawafunay­o.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? AKWAZIWA ukuthi uzogcina ephelele kuphi uLebogang Manyama okuvela ukuthi ufinwa yinqwaba yamaqembu e-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X AKWAZIWA ukuthi uzogcina ephelele kuphi uLebogang Manyama okuvela ukuthi ufinwa yinqwaba yamaqembu e-Absa Premiershi­p
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa