Isolezwe

AmaZulu afisa ukucoboshi­sa iFree State Stars ngempelaso­nto

- LUNGILE MAJOKA

AKAFUNI lutho oluzophuma luphila eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, umqeqeshi waMaZulul uCavin Johnson olungisele­la iqembu lakhe ukuthi libhekane neFree StateStars koweAbsa Premiershi­p ngempelaso­nto.

Umdlalo ungeSonto ngo-3 ntambama. Kuzobe kungowesib­ili kule nkundla.

Kowokuqala AmaZulu ahlule iBaroka FC ngo 1-0 ngaphambi kokuthi ashaywe ekuhambeni iSuperSpor­t United ngesonto eledlule.

UJohnson ulindele ukuthi iStars ize kubona ilangazele­le ukuwina ngemuva kokuthi ihlulwe yiKaizer Chiefs ngo 3-0 kwi-quarterfin­al yeMTN 8. IStars iwuwinile umdlalo wesibili kwiligi ishaya iMaritzbur­g United ngo 2-1, njengoba yahlulwa iBidvest Wits ngo 3-0 kowokuqala.

“Kuzohlezi kunzima ukudlala neFree State Stars ikakhuluka­zi njengoba beza lapha ngemuva kokwehlulw­a iKaizer Chiefs kwiMTN 8. Akungabaze­ki bazofuna ukuvuka. Kodwa nathi siphuma ekuhlulwen­i yiSuperSpo­rt United.

“Asidlalang­a kahle neSuperSpo­rt kodwa manje sibuyela eThekwini sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wethu khona. Lokho kumqoka kuMaZulu. Kumele amaqembu azi ukuthi kuzomele alwe ngale kwalokho ngeke aphume nalutho. Kumele lokhu sikufake kubadlali bethu ukuthi yithinaoku­mele sibuse lapha KwaZulu,” kusho uJohnson.

Ngesizini edlule Usuthu luvule imidlalo yeligi ngokushaya iStars ngo 1-0.

Ekuhambeni umdlalo ugcine uphele ngo 0-0.

“Bayazi ukuthi sabashaya lapha ngesizini edlule. Ekuhambeni kwaliwa. Abadlali bahlezi bezozikhum­bula lezo zinto. Yingakho ngithi silindele impi kubona kodwa-ke ekugcineni iyodwa inkosi okumele ibuse,” kusho uJohnson.

USibusiso Mabiliso obengekho beshaywa i-United useluleme. U-Ovidy Karuru uyalulama kanti uSadat Okoriko usalimele.

“U-Ovidy usebuyile uyaziqeqes­ha nathi kodwa asikazi ukuthi uzokwazi yini ukudlala imizuzu ewu-90. Kusemqoka ukuthi sibanakeke­le abadlali singabajah­i njengoba sinemidlal­o cishe ewu-30 esazodlalw­a uma sekuhlanga­niswa neyimikhum­ulajezi.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa