BAFUNA APHUCWE IGUNYA OSOLWA NGOKWEBA UMDLALI OKWI-CHIEFS
UDYLAN Kerr, ongumqeqeshi weGor Mahia okuyiqembu laseKenya elisola umdlali walo wasemuva odabuka e-Uganda, uGodfrey Walusimbi, ngokulalela i-agent yakhe emfake ehlathini ngokuthi aye kwiKaizer Chiefs ngaphandle kokuvumelana neqembu, ufuna ijeziswe kanzima le menenja.
UPotshoza uhoshe kwabazazi zonke ukuthi uWalusimbi uziqeqesha neChiefs nje akazange azithole izibusiso eqenjini lakhe laseKenya iGor. Lesi senzo simcasule kakhulu uKerr osabisa ngokusebenzisa imali yakhe ukumpimpa i-agent yalo mdlali ngekwenzile ukuze iphucwe isitifiketi sokusebenza.
Ngokutholwe wuPotshoza, lo mdlali unyenyile waphuma eKenya wabhekisa amabombo eGoli ngaphandle kokukhuluma neqembu elimqashile.
NgokukaKerr, uWalusimbi ne-agent yakhe baphule umthetho ngokunyonyoba baye kwiChiefs ngakho-ke kumele bajeziswe yiziphathimandla zebhola eKenya nasemhlabeni.
“NeChiefs isephutheni lapha. Akufanele kugxekwe mina kumbe abaphathi beqembu ngalokhu kodwa abenzi bobubi umdlali, i-agent yakhe neqembu okuthiwa uziqeqesha nalo ngenhloso yokusayina. Ngizimisele ngokuzenzela mina ukuthi aphucwe isitifiketi sokusebenza lo mlisa ohambise uWalusimbi eNingizimu Afrika. Okungicasula kakhulu wukuthi i-agent nalo mdlali abaqali ukwenzela phansi iqembu. Yize ngingeke ngande kepha abakwenze sidlala ne-Esperance kuholele ekutheni sishaywe,” kusho uKerr.
Iqhawe lakho selingakusho ukuthi noVina Maphosa weChiefs ungene ezintangeni ebuzwa ukuthi ukhona yini lo mdlali ekhempini. Uqale waphika walala ngomhlane kodwa wabuye wajika wathi: “Azikho izindaba ezikhona okwamanje. Uma sezikhona uwena ozoba owokuqala ukwazi.”