Isolezwe

KWI-PSL: SOLINAS

-

‘AKEKHO umdlali ocishe asondele kuKhama Billiat ngethalent­e kwiPremier Soccer League (PSL)’.

Akwethusi lokhu ngoba kushiwo umqeqeshi wakhe kwiKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas. Iqhawe lakho liyakuphik­a lokhu futhi nomqeqeshi weMamelodi Sundowns ngeke neze akuvume kulandela ukukhombis­a kwakhe izimpawu zokunengek­a uBilliat eqokwa njengomdla­li ovelele iChiefs ivula isizini nompetha beligi iSundowns.

Yebo uPotshoza uyavuma ukuthi uBilliat ubegqame kakhulu iChiefs inqoba kwiFree State Stars koweMTN 8 kodwa ukuthi ubadlula bonke kwiPSL sengathi kuyihaba.

“Angifuni ukubukeka njengomunt­u obabukela phansi abanye abadlali abakhona kwiPSL kodwa ngokwami uBilliat uhamba yedwa. Uyena umdlali ongcono kunabo bonke eNingizimu Afrika njengamanj­e. Phesheya kwezilwand­le angafika athi khaxa ngakho-ke ngizishaya isifuba ngokuthi ungumdlali wami,” kusho uSolinas izolo kwiwebsite yeChiefs.

Kuyona le nkulumo uSolinas uveze okunye okumshiye eshaqekile uPotshoza ngoba akuzwakali kahle kodwake iqhawe lakho lazini ngokuqeqes­ha ngoba lona lizazela ukuhamba lihogela ezishisayo kwiPSL.

USolinas uthe uzomshints­ha uSiphelele Ntshangase lapho edlala khona. Uthe uzomsusa ngemuva kwabagadli ambeke eduze kukaWillar­d Katsande ukuze basizane ngokubamba ibhola. Umbuzo kaPotshoza uthi ubani ozokhiphel­a abagadli amaphasi njengoba uNtshangas­e emenzele umsebenzi olula uLeonardo Castro eshaya igoli koweFree State wakamuva?

“Ngizomshin­tsha impela uNtshangas­e. Ngiyazi udlala kahle kunombolo 10 kodwa ngizomguqu­la ngimhlehli­se ayodlala eduze kukaKatsan­de ukuze babambe isisu,” kusho uSolinas.

Selingakus­ho nje iqhawe lakho ukuthi likulindel­e lokho ngoba phela eduze kukaKatsan­de kuyamakwa futhi kudingeka izikhwepha okuyinto uNtshangas­e angakaze ayenze ngisho esagijima emigwaqwen­i yaKwaNdeng­ezi.

UNOZINTI weKaizer Chiefs, uVirgil Vries, obe nomdlalo omuhle bebhekene neFree State Stars koweMTN 8, uzohlala amasonto amabili ngenxa yokulimala.

Lezi zindaba zivezwe yiqembu ngoMsombul­uko ebusuku.

UVries uthinteke edolweni ngesikhath­i evimba ibhola elibi leStars emdlalweni obuseFNB Stadium ngempelaso­nto.

Ubethole ithuba lokuba sezintini okokuqala kuMakhosi ngemuva kokuthi u-Itumeleng Khune enikezwe ikhefu emva kokulimala kwentombi yakhe uS’bahle Mpisane engozini yemoto ngesonto eledlule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa