Isolezwe

OwePMB uchazwa oweMan City

- NDUDUZO DLADLA

UMGADLI weMaritzbu­rg United, u-Andréa Fileccia, uthe imigilingw­ane nemilingo eyenziwa yinjini yeManchest­er City, uKevin De Bruyne, ayimethusi nakancane kwazise besakhula kwakuvele kucaca ukuthi uyoba yisihlaban­i sikanobhut­shuzwayo esiyohloni­shwa umhlaba wonke.

UFileccia, oke wadlala kwiFeyenoo­rd yaseNether­lands, ube nengxoxo ekhethekil­e neSolezwe ngokwazana kwakhe nalesi sihlabani seCity, esiyibamba kwi-English Premier League (EPL). UFileccia uzalwa eBelgium, edolobheni iMons.

Elandisa Isolezwe uthe badlale ndawonye noDe Bruyne eqenjini lesizwe lika-Under 23 laseBelgiu­m. Uthe ubengaqali ukumazi ngaleso sikhathi njengoba bebedlala emazingeni aphansi kusuka ku-Under 15.

“Akungethus­i esengikubo­na kuyena manje. Ubengandil­e ngomlomo kodwa ubedlala ingcwenga yento sisakhula. Ububona ukuthi uya kude nebhola kodwa engaziphak­amisi neze. Angichaza ngakho kakhulu wukuthi unomoya ophansi, uyakwazi ukucubungu­la isitha kahle abone ubuthaka baso. Angisayiph­athi eyokuphasa okusezinge­ni eliphezulu. Mina ubekwazi ukungibona ngingakali­bizi ibhola. Bengiwaqed­a amagoli sidlala naye,” kuchaza uFileccia efa yinsini.

UDe Bruyne, oke wadlalela iChelsea yase-England neWerder Bremen yaseGerman­y, ushaye into ecokeme ngesizini edlule kwiCity njengoba benqobe isicoco se-EPL. Abaningi bashaye amakhala ngesikhath­i ekhala ngaphansi kuMohamed Salah weLiverpoo­l emklomelwe­ni womdlali ovelele kwi-EPL. Ngokwejway­elekile lo mklomelo utholwa umdlali weqembu elisuke linqobe isicoco seligi.

“Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngaye ngasekuzuz­ile. Kukhona lokho okuncane kokuthi hleze nami ngabe ngikuleliy­a zinga kodwa ngibuye ngiziduduz­e ngokuthi sasingeke siphumelel­e ngendlela efanayo. Nokho uyangikhut­haza ukuthi ngizinikel­e ebholeni, nami ngenze konke okusemandl­eni ukuze ngibonakal­e. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ngingumlan­deli wakhe wokuqina njengamanj­e. Ngiyakhumb­ula nje ngomunye unyaka sidlala neScotland (kwi-Under 23), iwona mdlalo angiphasel­a kuwona ngadela loya, ngithi ngashaya amagoli ambalwa kuwona uma ngingaphos­isi,” kusho uFileccia ongakadlal­i nowodwa umdlalo kwiMaritzb­urg selokhu kuqale isizini ngenxa yokulimala.

Ngokusho kukaFadlu Davids, ongumqeqes­hi weTeam of Choice, uFileccia uzodlala umdlalo wakhe wokuqala ngoLwesihl­anu uma ezakhe sezidudula­na neKaizer Chiefs, koweligi, eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKEVIN De Bruyne ungomunye wabadlali beBelgium abashaye into ecokeme kwiNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia nonyaka
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKEVIN De Bruyne ungomunye wabadlali beBelgium abashaye into ecokeme kwiNdebe yoMhlaba ka-2018 eRussia nonyaka
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa