AmaZulu afisa ukucoboshisa iFree State Stars ngempelasonto
AKAFUNI lutho oluzophuma luphila eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, umqeqeshi waMaZulul uCavin Johnson olungiselela iqembu lakhe ukuthi libhekane neFree StateStars koweAbsa Premiership ngempelasonto.
Umdlalo ungeSonto ngo-3 ntambama. Kuzobe kungowesibili kule nkundla.
Kowokuqala AmaZulu ahlule iBaroka FC ngo 1-0 ngaphambi kokuthi ashaywe ekuhambeni iSuperSport United ngesonto eledlule.
UJohnson ulindele ukuthi iStars ize kubona ilangazelele ukuwina ngemuva kokuthi ihlulwe yiKaizer Chiefs ngo 3-0 kwi-quarterfinal yeMTN 8. IStars iwuwinile umdlalo wesibili kwiligi ishaya iMaritzburg United ngo 2-1, njengoba yahlulwa iBidvest Wits ngo 3-0 kowokuqala.
“Kuzohlezi kunzima ukudlala neFree State Stars ikakhulukazi njengoba beza lapha ngemuva kokwehlulwa iKaizer Chiefs kwiMTN 8. Akungabazeki bazofuna ukuvuka. Kodwa nathi siphuma ekuhlulweni yiSuperSport United.
“Asidlalanga kahle neSuperSport kodwa manje sibuyela eThekwini sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wethu khona.Lokho kumqoka kuMaZulu. Kumele amaqembu azi ukuthi kuzomele alwe ngale kwalokho ngeke aphume nalutho. Kumele lokhu sikufake kubadlali bethu ukuthi yithinaokumele sibuse lapha KwaZulu,” kusho uJohnson.
Ngesizini edlule Usuthu luvule imidlalo yeligi ngokushaya iStars ngo 1-0.
Ekuhambeni umdlalo ugcine uphele ngo 0-0.
“Bayazi ukuthi sabashaya lapha ngesizini edlule. Ekuhambeni kwaliwa. Abadlali bahlezi bezozikhumbula lezo zinto. Yingakho ngithi silindele impi kubona kodwa-ke ekugcineni iyodwa inkosi okumele ibuse,” kusho uJohnson.
USibusiso Mabiliso obengekho beshaywa i-United useluleme. U-Ovidy Karuru uyalulama kanti uSadat Okoriko usalimele.
“U-Ovidy usebuyile uyaziqeqesha nathi kodwa asikazi ukuthi uzokwazi yini ukudlala imizuzu ewu-90. Kusemqoka ukuthi sibanakekele abadlali singabajahi njengoba sinemidlalo cishe ewu-30 esazodlalwa uma sekuhlanganiswa neyimikhumulajezi.”