IBidvest Stadium izomkhumbuza kudala
KUFANELE ukuthi ukubuyela eBidvest Stadium kuzomvusela izinsuku zenjabulo nezosizi abe nazo esikhathini asihlale kwiBidvest Wits umdlali we-Orlando Pirates, uBen Motshwari.
UMotshwari ungomunye wabadlali abasha abazimisele ngokubhala umlando omusha kwiPirates abafike kule sizini entsha. Ubengomunye wabagqamile ngesikhathi iWits inqoba isicoco seligi ngo-2016/2017 obekungokokuqala emlandweni weqembu.
Nokho ngesizini edlule uzithole esefana neqaqa kumqeqeshi weZitshudeni, uGavin Hunt, engasabalwa kubadlali abebabophela esikimini.
Namuhla iWits izokwamukela uMotshwari nozakwabo kwiPirates emdlalweni we-Absa Premiership eBidvest Stadium ngo-7.30 ebusuku.
UMotshwari, oyibamba esiswini, uthole ithuba lokudlala okokuqala kweZimnyama ngempelasonto ngesikhathi zibhekene neSuperSport United koweMTN 8.
Umqeqeshi wakhe omusha, uMilutin “Micho” Sredojevic, ugculisekile ngakubonile kuyena.
“Udlale kahle uma sibheka ukuthi akakafiki esimeni esihle ngokuba wumqemane ngenxa yokuthi ubengadlaliswa eqenjini lakhe eledlule. Ukhombisile ukuthi sesiwukhulisile umdlandla wethu maphakathi nenkundla.
“Ngisho nalaba abanye abadlali abasha bakhombisa intshisekelo nokulambela ukulwela iqembu okuyiyona into esiyifunayo,” kusho uSredojevic.
Omunye umdlali ozobe ebuyele “ekhaya” kwiWits nguVincest Pule naye oweqe umngcele njengoba bekuvalwe isizini.
UPule usabe nemidlalo emihle selokhu efikile eMayfair. Nokho kuzomele azicwecwe phambi kwamapali. Ube ngomunye wabadlali abalahle amathuba iBucs igcina iphuma kwiMTN 8 ngempelasonto.
Lawo mathuba kungenzeka bawakhalele kwiWits esakhombisa ukuvutha emapalini. IZitshudeni sezishaye amagoli ayisithupha emidlaweni emibili.
Zishaye amathathu kwiFree State Stars, zenza okufanayo nakwiKaizer Chiefs emidlalweni yeligi.
Ukunqoba le midlalo yikhona okwenza zihlale eqhulwini kwi-log ngamaphuzu ayisithupha. Zibambene ngalinganayo neBloemfontein Celtic ezokwamukela iPirates ngeSonto eFree State Stadium ngo-3 ntambama.
Ngesizini edlule iPirates iwathathe wonke amaphuzu ayisithupha abebewabanga kwiligi neWits.