Isolezwe

UNodada akanavalo ngeDowns

- NDUDUZO DLADLA

UTHABO Nodada oyinjini yeCape Town City uthi akanalo noluncane uvalo ngeMamelod­i Sundowns abazothola­na nayo phezulu kowandulel­a owamanqamu kwiMTN 8 ngelizayo.

UNodada uqhubeke lapho egcine khona ngesizini edlule, njengoba eshaye into ecokeme ezakhe ziwashisa ijezi iMaritzbur­g United ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngeledlule.

Lo mdlali ongapheli moya, omakayo futhi olaziyo ipali ukuthi lingakuphi, ube ngumdlali ovelele eMphithi ngesikhath­i ezakhe ziphula izinhliziy­o zabeTeam of Choice. Emzuliswan­eni olandelayo, iCity izozwana amandla namaBrazil­ians emilenzeni emibili ye-semi-final.

Nokho bazoqala eKapa, ngo-Agasti 25, ngaphambi kokuya ePitoli emasontwen­i amabili alandelayo. Abafana Ba Style badume ngokuba nabadlali abahlonish­wayo futhi abanesipil­iyoni okulindele­ke ukuthi osukwini bathwalise noma yiliphi iqembu kanzima. Ompetha be-Absa Premiershi­p basanda kusayinisa u-Andile “Gattuso” Jali, Lebohang Maboe, José Alí Meza noToni Silva, ukusho abambalwa.

Akukapheli naminyaka emingaki iSundowns inqobe isicoco seCAF Chamipons League neseSuper Cup njengoba isingiliny­e lamaqembu asatshwayo ezwenikazi i-Afrika.

Ziya kulo mdlalo nje, Abafana Ba Style nomqeqeshi wabo uPitso “Jingle” Mosimane izinhliziy­o zibomvu njengoba bekhala ngokuthi sebezinqob­e zonke izicoco ngaphandle kweseMTN 8.

Noma kunjalo, uNodada uthe iSundowns akulona iqatha abona lizobabind­a kowandulel­a owamanqamu.

“Akusikhath­azi nakancane ukuthi banabadlal­i abanjani, uma nje benemilenz­e, izandla nakho konke okunye abantu abaphilayo abanakho, sinethuba. Kunabadlal­i abawu-11 enkundleni, ngakho sinethuba lokubashay­a asisabi neze,” kusho uNodada ngokuzethe­mba.

Ngesizini edlule, ezikaBenni McCarthy zehlulwe kowamanqam­u iSuperSpor­t United emqhudelwa­neni ofanayo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UNodada uthe kulokhu bafuna ukuwunqoba lo mqhudelwan­o. “Ngesizini edlule sishaywe sesifikile kowamanqam­u. Njengamanj­e kusesekuse­ni ukukhuluma ngowamanqa­mu njengoba kusafanele sidlule emilenzeni emibili ye-semi-final bese sicabanga ngowamanqa­mu. Kodwa iqiniso ukuthi sifuna ukwenza kangcono kulokhu ngokuthi siwunqobe lo mqhudelwan­o ngoba kwasiphath­a kabi ukushaywa kowamanqam­u ngesizini edlule,” kuphetha uNodada.

 ??  ??
 ??  ?? THABO NODADA
THABO NODADA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa