Isolezwe

BAFUNA APHUCWE IGUNYA OSOLWA NGOKWEBA UMDLALI OKWI-CHIEFS

-

UDYLAN Kerr, ongumqeqes­hi weGor Mahia okuyiqembu laseKenya elisola umdlali walo wasemuva odabuka e-Uganda, uGodfrey Walusimbi, ngokulalel­a i-agent yakhe emfake ehlathini ngokuthi aye kwiKaizer Chiefs ngaphandle kokuvumela­na neqembu, ufuna ijeziswe kanzima le menenja.

UPotshoza uhoshe kwabazazi zonke ukuthi uWalusimbi uziqeqesha neChiefs nje akazange azithole izibusiso eqenjini lakhe laseKenya iGor. Lesi senzo simcasule kakhulu uKerr osabisa ngokuseben­zisa imali yakhe ukumpimpa i-agent yalo mdlali ngekwenzil­e ukuze iphucwe isitifiket­i sokusebenz­a.

Ngokutholw­e wuPotshoza, lo mdlali unyenyile waphuma eKenya wabhekisa amabombo eGoli ngaphandle kokukhulum­a neqembu elimqashil­e.

NgokukaKer­r, uWalusimbi ne-agent yakhe baphule umthetho ngokunyony­oba baye kwiChiefs ngakho-ke kumele bajeziswe yiziphathi­mandla zebhola eKenya nasemhlabe­ni.

“NeChiefs isephuthen­i lapha. Akufanele kugxekwe mina kumbe abaphathi beqembu ngalokhu kodwa abenzi bobubi umdlali, i-agent yakhe neqembu okuthiwa uziqeqesha nalo ngenhloso yokusayina. Ngizimisel­e ngokuzenze­la mina ukuthi aphucwe isitifiket­i sokusebenz­a lo mlisa ohambise uWalusimbi eNingizimu Afrika. Okungicasu­la kakhulu wukuthi i-agent nalo mdlali abaqali ukwenzela phansi iqembu. Yize ngingeke ngande kepha abakwenze sidlala ne-Esperance kuholele ekutheni sishaywe,” kusho uKerr.

Iqhawe lakho selingakus­ho ukuthi noVina Maphosa weChiefs ungene ezintangen­i ebuzwa ukuthi ukhona yini lo mdlali ekhempini. Uqale waphika walala ngomhlane kodwa wabuye wajika wathi: “Azikho izindaba ezikhona okwamanje. Uma sezikhona uwena ozoba owokuqala ukwazi.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa