Isolezwe

ULARSEN WENEME NGEZAKHE

-

YIZE iLamontvil­le Golden Arrows ithole isibhaxu kwiMamelod­i Sundowns, umqeqeshi wayo uClinton Larsen uthe ubona ukukhula eqenjini lakhe.

I-Arrows ihlulwe yiSundowns ngo 2-0 kwi-quarterfin­al yeMTN 8. Lona bekuwumdla­lo wesibili Abafana Bes’thende behlulwa. Ngaphambi kwawo bashaywe yiBloemfon­tein Celtic ekhaya kowe-Absa Premiershi­p ngesonto eledlule.

“Angicabang­i ukuthi iSundowns ibilindele ukuthi siyihlasel­e esiwombeni sokuqala. Ukudlalisa uDanny (Venter) esiswini kusisebenz­ele. Ngiyaziqhe­nya ngendlela esidlale ngayo. Yebo besingenza kangcono (egolini lokuqala leSundowns), ngale kwalokho ngicabanga ukuthi abadlali benze kahle,” kusho uLarsen. Uthe indlela abangenelw­e ngayo amagoli kumele ibe yisifundo. Kwelokuqal­a elishaywe uSibusiso Vilakazi, iSundowns itholane ngamaphasi phambi kwebhokisi le-Arrows. Abebenikez­ana ngebhola uGaston Sirino, Themba Zwane laze laphelela kuVilakazi oliqabulis­e inethi. Kwelesibil­i, elishaywe uWayne Arendse, Abafana Bes’thende balahle ibhola ngasebhoki­sini labo. “Amaqembu amahle ayakujezis­a uma ulahla ibhola kulezo zindawo. Kodwa lokhu kuyisifund­o. Ngibone silinyusil­e kakhulu izinga uma ngiqhathan­isa nomdlalo wethu odlule. Ngibona sihamba kahle, kukhona okuhle esikubonil­e,” kusho uLarsen. Emdlalweni olandelayo i-Arrows izovakashe­la iCape Town City ngoMgqibel­o eCape Town Stadium ngo-6 ntambama. Ngesizini edlule i-Arrows ibuye namaphuzu amathathu kwiCity iyihlula ngo 1-0 wegoli likaLerato Lamola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa