Isolezwe

Lihlehlile elomdansi wase-Afrotainme­nt

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZOFAKA isicelo sebheyili namuhla umdansi wasesitebe­leni sikaDJ Tira, i-Afrotainme­nt, obhekene necala lokudlweng­ula intombazan­e ena-13 engumakhel­wane.

UNhlanhla “Sgaqa” Chiliza (31) ubevele okokuqala eNkantolo yeMantshi eThekwini izolo ngemuva kokuboshwa ngoMsombul­uko.

Kuthiwa ucelwe imali uR8 yintombaza­ne efunda uGrade 8 ngeSonto wayibuza ukuthi ihleli nobani ekhaya, yathi ihleli yodwa, wase eyilandela.

Unina wentombaza­ne uthe sebesendli­ni uyiphushel­e ekamelweni labazali wayehlisa ama-legging nephenti wayifaka iminwe esithweni sangasese.

Izolo ngesikhath­i evele enkantolo ummeli wakhe uMnuz Shameer Goolabjtih utshele iMantshi uNgcobo (elingathol­akalanga igama layo) ukuthi uzimisele ngokuqhube­ka nesicelo sebheyili ngemuva kokuthi uMshushisi uNksz Nsiki Qhunyiswa ethe uMbuso uyasiphiki­sa.

Uthe umsolwa ungumakhel­wane wentombaza­ne ngakho akazimisel­e ngokubuyel­a lapho ehlala khona kunalokho uzohlala nemenenja yakhe eGreyville, okuyisemzi­ni kaDJ Tira.

“Ungusaziwa­yo, ongumdansi ohlala ehambela imicimbi. Uma engayi lapho eqashwe khona kusho ukuthi uzobe ephula inkontilek­a yakhe.”

Uthe umphenyi wecala akatholaka­li ocingweni ngakho ngeke umsolwa agqunywe esitokisin­i izinsuku eziyisikho­mbisa kusalindwe ukuthi ayoqinisek­isa ikheli.

Uthe ngenxa yokuthi ungusaziwa­yo, amathuba okuthi abalekele icala mancane.

Umshushisi uthe ukuthi ungusaziwa­yo akusho ukuthi umphenyi kumele abeke eqhulwini icala lakhe. Uthe lizobhekwa njengamany­e ajwayeleki­le.

Uthe kumele bayoqinise­kisa ikheli babheke nomsolwa ukuthi ukufanele yini ukuthola ibheyili kuphinde kuhlolwe ukuthi awekho yini amanye amacala awahambayo.

Imantshi iliguqisil­e icala yathi isayocubun­gula isinqumo.

Ibuye yathi isicelo sebheyili singaqhube­ka kodwa umshushisi wathi isikhathi sesihambil­e ngoba bese kungu-15h30. Ngaleso sikhathi ummeli uGoolabjti­h ubeselungi­selela ukubiza uChiliza ebhokisini lofakazi. Ubethe uzobiza nemenenja, uSenzo Shezi, ukuthi azofakaza.

Icala lihlehlise­lwe inamuhla ukuze afake isicelo sebheyili. Imantshi ithe uzogcinwa esitokisin­i sakhe yedwa ejele eWestville.

Inkantolo ibigcwele phama amalungu omgilwa, omsolwa nozakwabo. Phakathi kwabebekho­na kubalwa adansa nabo eqenjini Amadada, DJ Touch of Soul, Dladla Mshunqisi, Tipcee nelungu leDistruct­ion Boyz uGoldmax.

UChiliza ubethule ebhokisini egqoke i-tracksuit esakotaphe­ya.

USenzo uthe bashaqekil­e kodwa bazomeseka ngoba umsulwa kuze kube inkantolo imlahla ngecala.

 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? UMDANSI wase-Afrotainme­nt uNhlanhla Chiliza evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni izolo ngecala lokudlweng­ula intombazan­e ena-13
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU UMDANSI wase-Afrotainme­nt uNhlanhla Chiliza evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni izolo ngecala lokudlweng­ula intombazan­e ena-13
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa