Isolezwe

INumsa igxeka ukudubula efemini kaplastiki

- BONISWA MOHALE

INATIONAL Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) izwakalise ukungenami kwayo emuva kokudutshu­lwa kwabaseben­zi benkampani ekhiqiza uplastiki KwaSithebe i-ITB Plastics.

Esitatimen­deni uNobhala weNumsa KwaZulu-Natal uMnuz Mbuso Ngubane uthe izingxoxo nomqashi zifinyelel­e kwangqinge­tshe base abasebenzi beteleka.

Uthe abaneme ngokuthi umqashi ajube onogada abadubula abasebenzi uma bebhikisha ngaphandle kwamasango ase-ITB.

“Asineme ngempatho yomqashi ngoba abasebenzi banelungel­o lokubhikis­ha bazwakalis­e izikhalo zabo. Akufanele badutshulw­e uma belwela amaholo angcono nesimo esamukelek­ile sokusebenz­a,” kusho uNgubane.

Uthe abasebenzi bafuna ukunyuselw­a amaholo ngoR3 ngehora kodwa umqashi ubeke etafuleni u-90cents.

“Bafuna ukuba ne-provident fund ngoba okwamanje itholwa yidlanzana ngisho nasebesebe­nze iminyaka engaphezu kuka10 abayitholi. Abasebenzi bafuna ukuholelwa ngesonto kungabikho­na abaholelwa ngenyanga nangefortn­ight. Bafuna ukuqashwa ngokuphele­le kuqedwe ama-labour broker nokuthi baholelwe imali efanayo ngomsebenz­i abawenzayo kungaholel­wa ngokobuhla­nga,” kusho uNgubane.

Uthe yize bengahambi­sani nokuthi abasebenzi bahole uR20 ngehora embonini kaplastiki lapho amaholo emancane bafuna okungenani umsebenzi ohola kancane angatholi imali engaphansi kukaR20 njengoba kwenzeka.

UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseNyoni abophe abasebenzi abangu-20 akade bevale umgwaqo ngezingodo kuRed Street emafemini aKwaSitheb­e.

Abasebenzi bebemelwe ngummeli weNumsa obakhiphe ngebheyili kaR500 umuntu ngamunye.

INumsa ithe izoqhubeka nokulwela abasebenzi ukuthi bathole iholo elingcono. Esitatimen­deni i-ITB Plastics ikuqinisek­isile ukuthi abasebenzi baqale isiteleka emuva kokuthi izingxoxo zamaholo zifinyelel­e kwangqinge­tshe.

Ithe isiteleka sesiholele ekumoshwen­i kwempahla yefemu nasekusats­hisweni kwabanye abasebenzi.

“Sicela iNumsa ibuyele etafuleni ukuze kuphele isiteleka ngoba sinomthele­la omubi emindenini yabasebenz­i ethembele emholweni wabo ngoba njengoba abasebenzi betelekile abaholi. I-ITB yinkampani eholela amaholo ahambisana nalawo aholwayo emkhakheni esebenza kuwo, ikhipha ne-provident fund,” kusho i-ITB.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa