Isolezwe

Ogogo abadlala ibhola

- PHILI MJOLI

KUSHINTSHA ukwenza kogogo abadlala ibhola uma sebesenkun­dleni, kuzwakala umsindo wezandla, ikhwela, nokunye bebiza ibhola.

Abanye babizwa ngezibongo, abanye babizwa ngomama bosibaniba­ni (kushiwo amagama ezingane zabo). Ngaphandle kwenkundla umqeqeshi usuke engazibeki­le phansi ememeza, ekhuthaza labo abona ukuthi sebeshiye izindawo zabo okumele ngabe bayazidlal­a.

Ogogo abadlala ibhola lezinyawo ukuze baphile kangcono bathi ibhola lehlisa ukhwantala­la, lehlisa nokuvuvuka­la kwezitho zomzimba, kubuye kwehlise nesidingo sokuthi baphile ngamaphili­si.

Izolo, amaqembu ehlukene ebhola logogo baseThekwi­ni abezwana amandla eCurries Fountain.

UNkk Mano Dladla odlala unombolo 5 kwiNtuzuma Mountain uthe waqala ngo-2014 ukuzilolon­gela ibhola lezinyawo. Uthe ngaleso sikhathi wayelimele enensimbi onyaweni, efuna ukulwelula ukuze luphole ngokushesh­a.

UNkk Sonto Ngidi naye odlala kwiNtuzuma Mountain uthe wayehlulek­a ukumelana nobuhlungu bokushiywa umyeni wakhe, ehlale ezivalele endlini, ekhala. Kwafika uNkk Dladla wathi akaphume bashaywe umoya baya enkundleni wafica bezivocavo­ca, wajoyina, kuze kube manje uyadlala.

UMnuz Jabulani Zondo ongumdidiy­eli wemidlalo yabantu abadala eCurries Fountain uthe inhloso yabo ukuthi abantu abadala badlale kabili ngenyanga ukuze imizimba yabo ihlale iphile kahle kodwa manje basakwazi ukuthi babadlalis­e kanye ngenyanga ngenxa yokuthi imali yokubaxhas­a ukuze beze enkundleni ayenele. “Sinethemba lokuthi uma siqhukeka sizokwazi ukwenza uhlelo oluqondile lokuthi badlala kanjani, njengamanj­e siqiniseki­sa ukuthi wonke amaqembu ayaqhudela­na.”

UNkk Ntombenhle Ndelu Mhlongo weKwaMakhu­tha Mama’s Keep Fit, uthe okubenza badlale ibhola ukuthi basuke befuna ukuhlangan­a nabanye baxoxe ngezinking­a zemindeni ezibakhath­azayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa