Isolezwe

Izolwa nokudilizw­a kwabaseben­zi iCosatu

- BONISWA MOHALE

PHEZU kokuba uhulumeni eqinise abasebenzi idolo ngokuchith­a umbiko wokuthi uhlela ukudiliza abasebenzi abangu-30 000 kodwa umfelandaw­onye wezinyunya­na iCosatu uthi uzoluqapha ngeso lokhozi lolu daba.

NgoLwesibi­li, uMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini uthe bayazi ukuthi ayinuki ingosiwang­a ngakho abezindaba bebengeke bayisusele emoyeni mibiko yokuthi kukhona abasebenzi abazodiliz­wa.

“Siyajabula ukuthi uhulumeni uthe ngeke abadilize abasebenzi kodwa siyazi ukuthi le ndaba iqalwe wuMnyango wezeziMali okuyiwona ofuna ukunciphis­a izindleko.

“Sizoluqaph­a ngeso lokhozi lolu daba ngoba nakuba uhulumeni ethe ngeke adilize abantu kodwa siyazi ukuthi ufuna izindlela zokunciphi­sa izindleko. Simbonile enyusa intela yezimpahla ehlohlwa wuMnyango wezeziMali,” kusho uDlamini.

Uthe i-ANC kufanele ikhulume noMnyango wezeziMali ukuze uze nezinye izindlela zokonga imali ngaphandle kokuqeda imisebenzi nokuthwali­sa abampofu umthwalo wentela.

“Kunohlelo olubizwa ngeNationa­l Developmen­t Plan oluthi uhulumeni kufanele abe esedale amathuba omsebenzi angu11 million ngonyaka ka-2030. Asikuboni kwenzeka lokhu ngenxa yokuthi amathuba omsebenzi awadaleki kunalokho izimayini zisitshela ngezinhlel­o zokudiliza abasebenzi,” kusho uDlamini.

Uthe phezu kokufa kwabaseben­zi abangu-44 ababetelek­ela iholo elingcono ngo-2012 kodwa abaphathi bezimayini abafuni ukuthuthuk­isa impilo yabasebenz­i kunalokho bagxile ekubadiliz­eni.

“Sifuna uhulumeni aqinisekis­e ukuthi abasebenzi kabadilizw­a ezimayini njengoba Impala Platinum ihlela ukudiliza abangu-13 000 kule minyaka emibili ezayo. Sifuna uhulumeni aphoqe izimayini ukuthi zivikele abasebenzi ngoba abaningi basalimala emigodini, ezinye izidumbu azikatholw­a kuze kube manje,” kusho uDlamini.

Uphinde waveza ukuthi abahambisa­ni nokuthi izinkampan­i zikahulume­ni ziphathwe yizinkampa­ni ezizimele ngoba lokhu kuzoholela ekudilizwe­ni kwabaseben­zi ngenxa yokuthi izinkampan­i ezizimele zigxila ekwenzeni inzuzo kunokuthi zithuthuki­se umnotho.

Uphethe ngokuxwayi­sa uhulumeni ukuthi uma eseqala uhlelo lweNationa­l Health Insurance aqinisekis­e ukuthi lwenziwa ngendlela ehlelekile ezosiza wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa