Isolezwe

Ubonga izinkundla zokuxhuman­a obebolelwa umlenze esibhedlel­a

- LUNGI LANGA

USIZWE ukukhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a umlisa okuthiwa ubesebolel­wa unyawo esibhedlel­a iRK Khan engaluthol­i usizo.

UMnuz Mondli Zuma oselashelw­a esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli Central uthe ngabe usalele embhedeni waseRK Khan engenziwa lutho ukube akazange abhale enkundleni yokuxhuman­a uFacebook ekhala ngokubolel­wa unyawo ebe elele esibhedlel­a

Uthe ulaliswe esibhedlel­a ngoJulayi 9 emuva kokuthi ephuke umlenze kathathu.

UZuma uthe uhlinzwe emuva kwezinsuku ezintathu elaliswe esibhedlel­a, kwathi uma sekufanele adedelwe wabikelwa omunye udokotela ukuthi kufanele ahlinzwe futhi.

“Udokotela wathi akaneme ngendlela engihlinzw­e ngayo wathi kungangcon­o ngiphinde ngihlinzwe kabusha. Ngempela ngibe sengihlinz­wa okwesibili. Emuva kokuthi ngihlinziw­e udokotela uke wangaba bikho esibhedlel­a ngoba kukhona la ebekhona. Okungihluk­umezile ukuthi odokotela abebekhona bebengangi­naki ngoba bethi angisona isiguli sabo,” kusho uZuma.

Uthe ubone unyawo lwakhe seluqala ukonakala kube kungenziwa lutho ukuthi asizwe, walufaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a udaba lwakhe.

“Emuva kokuthi sengilifak­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a kube sekuyima lubhekwa. Ngibone sekufika u-matron nomsebenzi oxhumanisa isibhedlel­a nomphakath­i nomphathi wesibhedle­la bezongibuz­a ukuthi ngilufakel­eni udaba kuFacebook,” kusho uZuma.

Uthe kuphele izinsuku ezintathu wathola umbiko wokuthi usedlulise­lwe esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli Central. Uthe ukholwa ukuthi ngabe akazange aluthole usizo ukube akazange ayifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a inkinga yakhe.

Ngaphandle kukaZuma kuthiwa kunezinye iziguli zakulesi sibhedlela esezilinde isikhathi eside ukuyohlinz­wa.

Omunye walezi ziguli uMnuz Mazwi Mkhize othe uselinde kusuka ngoJulayi 16.

Uthe ungeniswe esibhedlel­a ngoJulayi 8, ube esehlinzwa watshelwa ukuthi kufanele aphinde ahlinzwe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe bayazi ngodaba lukaZuma. Uthe wachazelwa ukuthi uzodinga ukunakekel­wa okuthe xaxa ngodokotel­a ngokweziga­ba ezahlukene ngenxa yokulimala kwakhe.

Uthe kulindelek­e ukuthi Mkhize ahlinzwe namuhla. IKHASI ELIKHOKHEL­WE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa