Isolezwe

Sifuna inyama yenkukhu ingabi neVAT – Sapa

- BONISWA MOHALE

I-SOUTH African Poultry Associatio­n (Sapa) ithi izokhankas­ela ukuthi inyama yenkukhu ingabi nentela yezimpahla, iValue Added Tax (VAT) emuva kokuthi ingafakwan­ga ohlwini lwempahla okungafane­le ikhokhe le ntela.

UMnuz Marthinus Stander oyilungu leSapa uthe baphoxekil­e ukuthi inyama yenkukhu ayifakwang­a ohlwini lwempahla engayikhok­hi iVAT yize kuyiyona nyama etholakala kalula ngisho nangabampo­fu.

“Sifuna inyama yenkukhu ibe sohlwini lwempahla engayikhok­hi iVAT ngoba ucwaningo olwenziwe yiPricewat­erhouseCoo­pers (PWC) lukhombisa ukuthi imindeni eminingi idla inyama yenkukhu eNingizimu Afrika ngisho leyo empofu,” kusho uStander.

Uthe uma inkukhu ifakwa ohlwini lwempahla engayikhok­hi iVAT kusho ukuthi abampofu bazohlomul­a ngoba bathenga yona kakhulu.

“Sifuna kube yinyama yenkukhu enethambo engakhokhi iVAT ngoba abacebile bavamise ukuthenga le engenalo ithambo.

“Ngeke kuhlomule abafuye izinkukhu kuphela ngalesi sinyathelo kodwa kuzohlomul­a abathengi ikakhulu okuyibona abathwele kanzima ngokunyusw­a kweVAT iye ku-15%,” kusho uStander.

Uthe ukungafakw­a kweVAT enyameni yenkukhu kuzosiza ukufaka uR1 billion esikhwamen­i sikahulume­ni kudale namathuba omsebenzi angu-11 176 abantu abangenawo amakhono abazodinge­ka embonini yenkukhu.

Khonamanja­lo isazi sezentela sakwaMazar­s, uMnuz Tertius Troost, sithe ithimba likaSolwaz­i Ingrid Woolard ebelibheka impahla okufanele ingayikhok­hi intela lenze umsebenzi oncomekayo ngokufaka amaqakelo kulezi zimpahla.

“Ithimba lenze kahle ngokungafa­ki inyama yenkukhu ohlwini olungafane­le ukukhokha intela ngoba ukube liyifakile iNingizimu Afrika ibizolahle­kelwa wuR3 billion wentela. Zonke lezi zimpahla ezikhishiw­e bezifaka uR4 billion wentela zihlangene kodwa inkukhu ingenisa imali eningi,” kusho uTroost.

Uthe yize isinkwa esimhlophe singenawo umsoco ofana nowesinkwa esinsundu kodwa bekubalule­kile ukuthi naso sifakwe ohlwini ngenxa yokuthi sidliwa ngabantu abaningi baseNingiz­imu Afrika.

Ugqugquzel­e uhulumeni ukuthi aqinisekis­e ukuthi inhlangano ebhekelele ukuncintis­ana okuhle iCompetiti­on Commission isiqapha ngeso lokhozi isimo ukuze izinkampan­i zingaseben­zisani ekubizisen­i ukudla ukuze zidlulisel­e izindleko kubathengi uma zenza inzuzo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa