Isolezwe

UTade akanayo ingcindezi yokushaya amagoli kuSuthu

- LUNGILE MAJOKA

AKAZIFAKIL­E ekhanda izinombolo zokushaya amagoli afike nazo eNingizimu Afrika umgadli waMaZulu FC, u-Emiliano Tade, odabuka e-Argentina.

UTade ubedlala eNew Zealand lapho eshiye iqembu abelidlale­la i-Auckland City eyishayele amagoli awu-38 emidlalwen­i ewu-50.

Indaba yokushaywa kwamagoli ebholeni laseNingiz­imu Afrika ihlezi isematheni ngenxa yesibalo esiphansi esibonakal­ayo kwiAbsa Premiershi­p.

Ngakho kungenzeka ukuthi kukhona ababona uTade engaba yisixazulu­lo kuMaZulu elekelelan­a nabagadli abebevele bekhona, uSiyabonga Nomvethe, Mabhuti Khenyeza, noMhlengi Cele.

“Cha, cha, cha anginayo ingcindezi,” kube yimpendulo kaTade.

“Ngisho iqembu alizange lingenze ngizizwe nginengcin­dezi yalokho. Ngiwuhlobo lomuntu ongazifaki izinombo ekhanda lakhe. Ngisebenze­la iqembu ngokubambi­sana nozakwethu. Ngiyakhole­lwa ekutheni kunoma yiliphi iqembu kuhlezi kuzoba khona abadlali abazokhuph­ula izinga ukuze liphumelel­e noma kube khona elikuzuzay­o. Uma ngiba ngomunye wabo ngizojabul­a. Uma futhi ngingeyena kodwa iqembu liphumelel­a nalokho kuzongijab­ulisa.”

Lo mdlali utheleke ejimini yaMaZulu ezihambela ngesithuth­uthu. Usuthu belulungis­elela ukubhekana neFree State Stars emdlalweni weligi ongeSonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama.

Uthe konke asakubonil­e kwelikaBha­nana kuyafana nempilo yase-Argentina.

“Kusahamba kahle konke, angisho nje ebholeni kuphela. Ngiyafunda okuningi ngosikompi­lo lwalapha nangomland­o weqembu. Wonke umuntu eqenjini ungenze ngazizwa ngamukelek­ile,” kusho uTade ophendule intatheli ngokuthi “ngiyaphila” ngesikhath­i imbuza impilo ngaphambi kokuqala ingxoxo.

Uthe ngesikhath­i ehlelela ukuza kuleli uthole nezeluleko “kumngani wami omkhulu”, uRyan De Vries ozalwa eKapa abebedlala naye kwiAucklan­d City.

Mayelana nemidlalo yabo ezayo uthe kusemqoka ukuthi bazibambe ziqine. UTade udlalile Usuthu lubhekene neBaroka FC. Ubesebhent­shini kodlule behlulwa iSuperSpor­t United ngo 1-0.

“Lowo mdlalo (weBaroka) ubunzima. Bekuliwa inkundla yonke kodwa bekuyindle­la yokuthi ngijwayele iligi yalapha futhi ngikwazi ukutholana nozakwethu. Okusemqoka wukuthi ngifunde kukhona, ngikhule.

“Ngibona ukuthi kukhulu esisengakw­enza njengeqemb­u. Iseyinde iligi. Kuzomele siqine emiqondwen­i. Ngikholwa wukuthi uma sikholelwa kithina kuningi esingakuzu­za,” kusho uTade.

 ??  ?? EMILIANO TADE
EMILIANO TADE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa