Isolezwe

I-Argentina enhlanhlen­i kweyeSuper Rugby

- NDUDUZO DLADLA

UKUFAKWA eqoqweni elilodwa kwamaqembu aseNingizi­mu Afrika neJaguares emqhudelwa­neni iVodacom Super Rugby, kungenzeka kunike amandla i-Argentina uma isibhekene namaBhokob­hoko emdlalweni weRugby Championsh­ip eKings Park Stadium, ngoMgqibel­o ngo-5 ntambama.

IJaguares ibiseqoqwe­ni elibizwa ngeSouth African Conference kwiSuper Rugby. Amanye amaqembu abekuleli qoqo yi-Emirates Lions, Cell C Sharks, DHL Stormers, neBlue Bulls wonke okungamaqe­mbu akuleli.

Lokhu kungahumus­heka ngokuthi amaPumas ase-Argentina anolwazi ngabadlali bakuleli, isimo sezinkundl­a nokunye. UGuido Petti oyi-lock ye-Argentina, uthe nakuba benolwazi ngesimo saseNingiz­imu Afrika, kwazise badlale eKapa, eGoli naseThekwi­ni kwiSuper Rugby, lokhu akusho ukuthi kuzoba wumdlalo olula uma sebebheken­e namaBhokob­hoko ngoMgqibel­o.

“Abaningi bazitshela ukuthi kuzoba lula ngoba siyabazi abadlali kodwa kufanele sikhumbule ukuthi nabo bayasazi. Engikubona kuzosisiza wukuthi ingqwaba yabadlali bethu idlala kwiJaguare­s, ngakho siyazana. Engikwesab­a kakhulu wukuthi kungenzeka sikhathale ngoba sidlala imidlalo eminingi singekho ekhaya, okusho ukuthi sichitha isikhathi esiningi sigibela,” kusho uPetti.

I-Argentina imangaze abaningi iphuma kowandulel­a owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba ngo-2015. Ishaye into ephansi ngesizini edlule kwiRugby Championsh­ip ishaywa yonke imidlalo eyisithuph­a.

Ngokukleli­swa i-Argentina isendaweni ka-10.

“IRugby Championsh­ip idlalwa ezingeni eliphezulu. Kulokhu asifuni ukuphoxa njengokwed­lule,” kuphetha uPetti.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa