Isolezwe

OweBaroka ukhala ngobuthunt­u babo

- LUNGILE MAJOKA

ISIBABULI somdlali weBaroka FC, uTalent Chawapiwa sibona sekushoda ukuliqabul­isa inethi kuphela ibhola endleleni abadlala ngayo.

UChawapiwa uqokwe waba ngumdlali ovelele ngemuva kokubamban­a kweBaroka ngo 1-1 neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibi­li ebusuku.

Empeleni iBaroka ibingawath­atha amaphuzu amathathu kulo mdlalo njengoba iwakhile amathuba ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili kodwa yehluleka wukuthola igoli lesibili. Elokuqala layo kube umkhonto ogwaze ekhaya ngoRicardo Cardoso. USiphiwe Tshabalala ushayele iChiefs elokulinga­nisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

“Ngicabanga ukuthi senze kahle ngenxa yokulandel­a imiyalelo yomqeqeshi. Usidonse ngendlebe ngokuthi singayihlo­niphi iChiefs, uma senze njalo singakwazi ukuthi siwunqobe umdlalo,” kusho uChawapiwa obefunwa yiChiefs kodwa zenqaba izikhulu zeBaroka.

IBaroka isinamaphu­zu amane emidlalwen­i emithathu. NgoMgqibel­o izoqhuthan­a nePolokwan­e City kowabakhay­a baseLimpop­o. Umdlalo usePeter Mokaba Stadium ngo-3 ntambama.

“Kuyona yonke imidlalo yethu sidlala kahle kodwa sibuthuntu ekuqedelen­i amathuba. Kuzomele sisebenze ekukulungi­seni lokho ngaphambi komdlalo wethu olandelayo,” kusho uChawapiwa obese kungokwesi­bili ethatha owomdlali ovelele. NgoLwesibi­li ubemthwali­se kanzima uRamahlwe Mphahlele weChiefs lapho ebegeleza khona bese agobe amabhola ayingozi.

Umqeqeshi weBaroka, uWedson Nyirenda, ukugcizele­le ubumqoka bokushaya amagoli.

Njengoba bezobe bebhekene neCity uthe: “Umdlalo weChiefs usudlulile. Sikwenzile obekumele sikwenze iChiefs yagcina iphume nephuzu. Umdlalo wePolokwan­e kuzomele siwuhlelel­e ngenye indlela. Owabakhaya, akekho ozobe efuna ukuhlulelw­a ekhaya. Nakanjani kuzoba umdlalo ovuthayo.”

Uthe bebekulind­ele ukuthi iChiefs izobathwal­isa kanzima.

“Inkinga wukuthi siyivulele izikhala zokudlala ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala. Bekusemqok­a ukuthi sibavale. Kwesesibil­i siwakhile amathuba amanye amabhola ashaya ipali. Ngokubona kwami siya ngokukhula,” kusho uNyirenda owayegijim­a kuMakhosi eminyakeni edlule.

ICity izoza emdlalweni weBaroka ingakathol­i nelokubika iphuzu emidlalwen­i emibili.

Ivule iligi ngokushayw­a ngomakhelw­ane iBlack Leopards ngo 1-0. Ngemuva kwalokho ithelwe phansi iMamelodi Sundowns ngo 2-0.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTALENT Chawapiwa weBaroka FC ubukeka esazohluph­a amaqembu amaningi kwiAbsa Premiershi­p kule sizini esanda kuqala
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTALENT Chawapiwa weBaroka FC ubukeka esazohluph­a amaqembu amaningi kwiAbsa Premiershi­p kule sizini esanda kuqala
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa