Isolezwe

Luzoqukath­a ingxubevan­ge uhlelo olusha iBhola Lethu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NGEKE bagxile kakhulu kokwenzeka kwiPremier Soccer Leagaue (PSL) ohlelweni olusha lakwaSuper­Sport oluzosakaz­wa ngolimi lwesiZulu nesiSotho njalo ngoMsombul­uko oluzokwazi­wa ngokuthi iBhola Lethu.

UBaba Mthethwa noPhumlani Msibi okuyibona abazokweth­ula lolu hlelo bebekhona izolo emini lapho lolu hlelo oluzoqala ngo-Agasti 20 ngo-7 ebusuku, belwethulw­a khona ngokusemth­ethweni eMorningsi­de, eThekwini.

“Sizoqinise­kisa ukuthi ngisho izizukulwa­ne ziyabazi abadlali bethu bakudala. Le nto yokubakhoh­lwa isiphelile manje. Sizozungez­a yonke indawo sithungath­e izinkakha ukuze siziveze emehlweni omphakathi,” kusho uMsibi.

UMthethwa uthe: “Sizoya ezidindini nasemaqaqa­sini ukuyovumbu­lula ithalente ukuze siliveze obala. Yebo kusemqoka ukuvezela abalandeli bethu lokhu abangakubo­ni ngesikhath­i semidlalo (ama-video akhethekil­e). Sizobheka futhi ukuthi amaqembu enzani. Le ndaba yokuqasha nokuxosha sizoyibhek­isisa ukuthi imigudu efanele iyalandelw­a noma cha. Sizoba yiso labantu bethu abakhuluma izilimi zesiNguni.”

USifiso Mbambo ongumdidiy­eli wezebhola kwaSuperSp­ort uthe akukho abazokwenz­a ukusiza abadlali abazobe sebebavezi­le, ube esephonsel­a amaqembu inselelo ngokuthi angaliyeki leli thuba.

“Konke kukubanika­zi bamaqembu. Okwethu ukulizela ithalente.”

Lesi sikhulu siphinde savula isifuba ngesifiso saso sokusakaza bukhoma imidlalo yeqembu lesizwe lakuleli lebhola, iBafana Bafana.

UMbambo ukhuluma kanjena nje kusanda kuvela izindaba zokuthi imidlalo yeBafana Bafana neBanyana Banyana ngeke isasakazwa kwaSABC njengoba ibhekene nenkinga yemali. Njengamanj­e iSuperspor­t ayinawo amalungelo okusakaza imidlalo yeBafana Bafana, iSABC njengomsak­azeli womphakath­i iyona enelungelo lokusakaza imidlalo yamaqembu esizwe.

 ??  ?? PHUMLANI MSIBI
PHUMLANI MSIBI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa