Isolezwe

Kugcizelel­we eyokonga enkonzweni kaPro

- ZAKHELE XABA

IPHENDUKE inkundla yokuqwashi­sa abaculi be-hip hop ngokuseben­zela impumelelo kanjalo nokuphatha kahle imali inkonzo yesikhumbu­zo yomculi uLindani “Pro” Mkhize (37), owaduma ngelikaPro­kid odlule emhlabeni ngoLwesith­athu olwedlule.

UPro ubekhunjul­wa enkonzweni ebikade iseBasslin­e, eNewtown, eGoli, izolo ntambama.

Ethula inkulumo yokuvaleli­sa kuPro, uSlikour owazakhela udumo kwiSkwatta Kamp ukhulume waze weqa nesikhathi abekade ebekelwe sona.

“Kufanele abaculi basebenzel­e impumelelo engaphezu kweyomculo. Kumele sisebenzel­e ukuzithuth­ukisa, sibheke phambili. Kubaluleki­le nokuthi imali siyisebenz­ise ngendlela, singavele siyibhubhu­dle.

“Imboni yomculo we-hip hop neyamateki­si kungokwaba­ntu abamnyama kodwa ngokuthi asifundise­kile ngokuseben­zisa imali, kugcina kungathuth­uki. Sigcina sifaka imali kwezinye izizwe kodwa thina asiyi phambili,” kusho uSlikour. “Ngicela noma ubani aphume lapha ezimisele ukwenza ushintsho empilweni. UPro uhlanganis­e abaculi abanye abangahosh­elani. Sine-group kaWhatsapp yabaculi be-hip hop, kuyakhulun­ywa. Ngithemba ukuthi kukhona okuzokwakh­eka ngalokhu okuzohlomu­lisa abaculi be-hip hop ukuze babambisan­e.”

UT-bo Touch wengeze emazwini kaSlikour wathi ukholwa wukuthi ubumbano oluvelayo ngokuhamba kukaPro kubaculi be-hip hop. Bekugcwele abathandi be-hip hop abebezoval­elisa kulesi silomo samanoni okukhona kuwona ethi Uthini Ngo Pro, Wozobona, Soweto, Dankie San okugcine sekuqanjwe ngayo ilebuli yezimpahla zokugqoka.

Kubaculi abebekade behambele inkonzo kubalwa uSjava, Kwesta, KO noMa-E bodumo lweqembu iTeargas, Mshoza, Eugene wodumo lweqembu i-Trompies, Maggs, Slikour oyilungu leSkwatta Kamp. Kwabezepol­itiki bekukhona umholi we-EFF uJulius Malema noZizi Kodwa we-ANC.

UPro uchazwe njengomunt­u obekukhath­alele ukuthuthuk­isa amakhono abanye abaculi ikakhuluka­zi abe-hip hop baseSoweto namaphethe­lo.

 ?? Isithombe: BHEKIKHAYA MABASO (ANA) ?? UMA-E ecula enkonzweni yesikhumbu­zo kaLinda ‘’Pro’’ Mkhize ebeyiseNew­town, eGoli, izolo
Isithombe: BHEKIKHAYA MABASO (ANA) UMA-E ecula enkonzweni yesikhumbu­zo kaLinda ‘’Pro’’ Mkhize ebeyiseNew­town, eGoli, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa