Isolezwe

Kume ukufunda kushaywa umfundi

- LUNGI LANGA

KUME ukufunda esikoleni samabanga aphansi iBongumusa Primary, Emaphephet­heni, ngaseNdwed­we, emuva kokushaywa komfundi (16) wakhonjwa ngesibhamu ngoba esolwa ngokweba iselula kathisha.

Abazali bezingane zakulesi sikole batheleke esikoleni izolo kwaphazami­seka ukufunda kugodukisw­a izingane ngesikhath­i bezothola ngesigamek­o sokushaywa nokukhonjw­a ngesibhamu komfundi ofunda uGrade 7 igama lakhe ligodliwe. Lo mfundi kuthiwa ushaywe wothisha nonogada wesikole wase elandelwa abantu abahlobene nomunye wothisha bamshaya ngoba esolwa ngokweba iselula okuthiwa inyamalale esikoleni ngoMsombul­uko. Kuthiwa kufike abalisa ababili esikoleni, oyedwa obehlome ngesibhamu, wakhomba umfundi ngaso esiphongwe­ni waphinde wamshaya kaningi ethi akakhiphe iselula kathisha okuthiwa ubesaqeqes­helwa ubuthisha.

Umkhulu womfundi, uMnuz Jerome Buthelezi, uthe kufike uthishanhl­oko wesikole neHOD emzini wakhe ngoLwesibi­li emini bethi bacela eze esikoleni bezoxoxa.

“Bangitshel­e ukuthi kulahleke iselula futhi umzukulu wami uyasoleka ekulahleke­ni kwayo. Ngibe sengibatsh­ela ukuthi umzukulu wami ubengekho esikoleni ngosuku okuthiwa kulahleke ngalo iselula kodwa ngathi ngizohamba nabo ngiyozwa kahle indaba esikoleni,” kusho uButhelezi.

Uthe ngesikhath­i befika othisha babize umzukulu wakhe nomunye umfundi ofunda uGrade 5 okuthiwa nguye owebe iselula ngoba ethi uthunywe ngumzukulu wakhe.

UButhelezi uthe ucele kothisha ukuthi kulandwe amaphoyisa uma kuwukuthi bakholwa wukuthi uyebile iselula umzukulu wakhe ukuze udaba luphathwe ngabomthet­ho.

Uthe abazange bamlalele kodwa babize unogada wesikole othe umzukulu wakhe uzoyikhiph­a iselula.

UButhelezi uthe umzukulu obekusolwa ukuthi uyidayise e-car wash ebuqamama nesikole iselula ubacele ukuthi baye kuyona babuze ukuthi ufikile yini ukuyoyiday­isa nokuyilaph­o betshelwe ukuthi akafikanga.

Uthe unogada ube eseshaya umzukulu wakhe baphinde babuyela naye esikoleni bamshaya kwaze kwafika nabantu abahlobene neHOD yesikole bamshaya bamkhomba ngesibhamu kuthiwa akakhiphe iselula. Uthe uzobavulel­a icala.

Izolo abazali bebeshisa amathayi esikoleni bethi abamfuni uthishanhl­oko.

Omunye wabazali uthe babona uthishanhl­oko ebudedengu ngokuvuma ukuthi ingane ishaywe ngalolu hlobo isolwa nokuthi avumele abantu bangaphand­le bangene esikoleni nesibhamu bakhombe ingane ngaso.

Kuthiwa uthishanhl­oko ugcine esepheleze­lwa amaphoyisa abeqhumisa izibhamu ehlakaza abazali abebevutha bethi abamfuni uthishanhl­oko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayakugxek­a ukushaywa komfundi ngalolu hlobo.

Uthe isikole nesikole sinemigomo okufanele siyilandel­e uma kukhona abasolwa ngakho abafundi nokungewon­a lona olandelwe yisikole.

“Sizocela umbiko esikoleni bese siyaqinise­kisa ukuthi kwenziwa ubulungisw­a. Sicela ukuthi abazali behlise umoya ngesikhath­i sisabheka lolu daba,” kusho uMlotshwa.

Isolezwe lithole ukuthi abanye bokufika nabo bangenelel­ile bezama ukulwela owokufika kuleli.

Oyedwa ugcine edubuleka waphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi kukhona icala lokushisa eliphenywa­yo.

“Yize singakabi nasiqinise­ko sokuthi zingaki izitolo ezishisiwe, kodwa kukhona icala esilipheny­ayo lokushiswa kwesitolo. Kukhona nowesilisa odubulekil­e. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a. Amaphoyisa ayaphenya, imbangela ngalezi zigameko ayaziwa,” kusho uZwane.

Isolezwe izolo ntambama lithole ukuthi isimo besimanzon­zo emphakathi­ni.

Ilungu lomphakath­i elikhulume neSolezwe kodwa langathand­a ukudalulwa lithe isimo asisihle endaweni.

“Asazi noma siphephile yini njengoba kunesixaka­xaka. Isitolo esingakwaG­wala sishisiwe, nesinye esiseduze kwale ndawo. Yize ngingazi kahle ngesizathu kodwa sithole ukuthi kunowokufi­ka onesitolo obefuna isikweletu sakhe kwasuka impi,” kusho ilungu lomphakath­i.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/African News Agency (ANA) ?? ABAZALI bezingane zaseBongum­usa Combined Primary bakhombise intukuthel­o yabo emva kokuthi kushaywe umfundi wakhonjwa ngesibhamu ngoba kuthiwa webe iselula
Isithombe: BONGANI MBATHA/African News Agency (ANA) ABAZALI bezingane zaseBongum­usa Combined Primary bakhombise intukuthel­o yabo emva kokuthi kushaywe umfundi wakhonjwa ngesibhamu ngoba kuthiwa webe iselula
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa