Isolezwe

Kuzocaca namuhla ngebheyili yowe-Afrotainme­nt

- S’MANGELE ZUMA

UZOKWAZI namhlanje ukuthi uzodedelwa ngebheyili noma uzoqhubeka nokugqunyw­a esitokisin­i umdansi wasesitebe­leni sikaDJ Tira, i-Afrotainme­nt, obhekene necala lokudlweng­ula intombazan­e ena-13 engumakhel­wane wakhe.

UNhlanhla “Sgaqa” Chiliza (31) ufake isicelo sebheyili lapho eveze ukuthi uyaliphika icala eNkantolo yeMantshi eThekwini, izolo.

Kule nkantolo bekukhona umndeni wentombaza­ne obupheleze­lwa ngamalungu e-ANC Women’s League asemancane azibiza ngeYoung Women’s Desk nomndeni kaChiliza nozakwabo abekade bezomeseka.

UChiliza ubesemelwe ummeli omusha uMnuz Sandile Shoba ngemuva kokuthi ummeli wakhe uMnuz Shameer Goolabjith ecele ukuhoxa kuleli cala.

Umshushisi uNksz Nsiki Qhunyiso uthwale kanzima ngesikhath­i ephakamisa ukuthi isicelo sebheyili sihlehlisw­e ngenxa yokuthi umphenyi wecala kusanezint­o okumele aziqinisek­ise.

Uveze ukuthi umphenyi wecala, uSergeant Lindelani Nkomo ukhathazek­ile ngoba i-passport kaChiliza isangakuye ngakho kulula ukuthi alifulathe­le elakuleli, abalekele icala.

UShoba usiphikisi­le lesi siphakamis­a wathi akasiboni isidingo ngoba bonke abantu abathintek­ayo bakhona nekheli uChiliza azohlala kulo uma ededelwa liqiniseki­siwe.

Uthe i-passport ingabe isisezandl­eni zikaNkomo lingakasho­ni ilanga (layizolo), angathumel­a iyolandwa ngokushesh­a.

IMantshi uNksz Bonisile Ngcobo ibe isinquma ukuthi siqhubeke isicelo sebheyili.

Ngemuva kwesidlo sasemini sibe sesiqhubek­a isicelo sebheyili lapho uNkomo efakwe ebhokisini ukuthi azothula ubufakazi.

Ukubeke kwacaca ukuthi akahambisa­ni nokuthi uChiliza akhishwe ngebheyili.

Ugcizelele ukuthi njengoba i-passport isengakuye maningi amathuba okuthi abalekele icala.

UShoba uthe i-passport isingakuye uzomnikeza umphenyi wecala ukuze aqinisekis­e ukuthi uChiliza ngeke abalekele icala.

Uthe umbuso kumele ukhumbule ukuthi uChiliza waziyisa yena emaphoyise­ni ngemuva kokuthola ukuthi uvulelwe icala lokudlweng­ula.

Uqhube wathi uChiliza unezingane ezimbili azinakekel­ayo nomndeni awondlayo ngomholo kaR15 000 awuthola njalo ngenyanga e-Afrotainme­nt.

Umshushisi uNksz Qhunyiso uthe ubhekene necala elibucayi, uma engadedelw­a umphakathi uzolahla ithemba ezinkantol­o, njengoba ulindele ukuthi kube yizo ezizowuvik­ela.

Ngenxa yesikhathi uNksz Ngcobo ube esethi isinqumo uzosikhiph­a namhlanje.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA/ AFRICAN NEWS AGENCY ?? UMDANSI wase-Afrotainme­nt uNhlanhla Chiliza uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngecala lokudlweng­ula
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA/ AFRICAN NEWS AGENCY UMDANSI wase-Afrotainme­nt uNhlanhla Chiliza uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngecala lokudlweng­ula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa