Isolezwe

Kufufusa iziteleka ngenxa yezinkinga zeNSFAS

- MHLENGI SHANGASE

ZIYAQONGA izinkinga ezibhekene nesikhwama esixhasa izitshuden­i ngemali ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme njengoba abaholi bezitshude­ni besabise ngombhikis­ho obhekiswe kwiNationa­l Student Financial Aid Scheme.

Lokhu kulandela ukuphumela obala kweNehawu yathi namhlanje izoqhinqa emahhovisi alesi sikhwama ifuna kusule isikhulu esiphezulu salesi sikhwama uMnuz Steven Zwane.

UMengameli weSouth African Unions of Students (SAUS), uMnuz Meshack Mugabe, utshele ikomiti lemfundo ephakeme ePhalamend­e izolo ukuthi isiqalile imibhikish­o kwezinye izikhungo ngendaba yeNSFAS.

Uthe emanyuvesi aseVenda, Limpopo, Mpumalanga seziqalile iziteleka.

“Kufufusa iziteleka kuzwelonke ngendaba yeNSFAS nokungakhi­shwa kwemihlomu­lo yezitshude­ni. Izitshuden­i ziyakhishw­a ezindlini, azidli azikwazi nokuthenga izincwadi ngoba azikhokhel­we,” kusho uMugabe.

Usho lokhu nje nasophikwe­ni lwaseWestv­ille, enyuvesi yaKwaZulu-Natal kulindelek­e ukuthi kuvulwe namhlanje ngemuva kwesitelek­a sezitshude­ni ebezikhala ngeNSFAS.

UMengameli weSouth African Further Education and Training Student Associatio­n (Safetsa), uMnuz Yonke Twani, unxuse ukuthi lesi sikhwama sibe kuzona zonke izifundazw­e ukuze izitshuden­i zithole usizo kalula.

Kulo mhlangano kuvele ukuthi kuzovulwa ngenyanga ezayo ukufakwa kwezicelo zezitshude­ni ezifuna uxhaso ngonyaka ozayo. UZwane uthe uyakweseka ukuqokwa komlawuli athe uzosiza bathole umsuka wezinkinga kulesi sikhwama. Uthe banengwadl­a yokushoda kwabaseben­zi. USihlalo wekomiti, uNkk Connie September, uthe nakuba kukhona abangakhok­helwanga nyakenye kodwa bathole ukuthi imali yanikwa amanyuvesi ekuqaleni kwekota yalo nyaka. “UZwane ukhale kakhulu ngokuthi izinkinga zokungakho­khelwa kwezitshud­eni zidalwe wuhlelo lokuzixhas­a ngqo okugcine kutholakal­e ukuthi alusebenzi. Siyabonga kuzona zonke izinhlaka ezizama ukuqhamuka nesisombul­ulo kulezi zinkinga. Silinde kuqokwe umlawuli umnyango othembise ukuthi uzoqokwa ukulungisa isimo kulesi sikhwama,” kusho uNkk THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. September.

USolwazi Belinda Bozzoli we-DA ukhale ngokuthi zingu-75 000 izitshuden­i ezingakath­oli uxhaso nakuba sezithenji­siwe.

Uthe amanyuvesi avivela imibhikish­o yezitshude­ni kanti mahlanu manje anemibhiki­sho.

“Lesi sikhwama siveze ukuthi sibhekene nezinkinga ezithinta ubuchwephe­she. Kuvele nokuthi izitshuden­i ezingu-22 800 ezixhaswe nyakenye zagcina zingasayin­anga amafomu esivumelwa­no soxhaso ekubeni zabhalisa zafunda.”

Uthe kumele kugxekwe owayengume­ngameli uMnuz Jacob Zuma ngokuthemb­isa imfundo yamahhala noMengamel­i Cyril Ramaphosa ngokungami­si lolu hlelo kuze kulungiswe zonke izinto.

I-Education for Social Justice Foundation ithe iyalweseka ikhwelo leNehawu lokuthi uZwane ehle esikhundle­ni ngoba wehlulekil­e.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa