Isolezwe

Iphoyisa libanjwe oqotsheni ligwazisa ngoR10 000

- NONTUTHUKO NGUBANE

LUKHWIBIKI­LE ugwibi zasha ephoyiseni elisebenza esiteshini sase-Sydenham, eThekwini, elibanjwe oqotsheni “ligwazisa” ngoR10 000 ukuze “licishe” icala lokukhwaba­nisa.

Iphoyisa elingu-Constable liboshwe ngoLwesith­athu wuphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa, i-Ipid.

Okhulumela i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, uthe iphoyisa lifune ngodli imali kobebheken­e necala lokukhwaba­nisa.

“Umsolwa, obevele esecushiwe, uboshwe eseyithath­ile imali. Uphenyo luveza ukuthi umsolwa uye kobebheken­e necala lokukhwaba­nisa wafuna uR10 000 ukuze icala liphele. Uboshwe nawo uR10 000. Uzobhekana necala lenkohlaka­lo,” kusho uDlamini.

Icala lokukhwaba­nisa abebekwe lona ofunwe imali yiphoyisa lihoxisiwe enkantolo ngoba ubufakazi bungahlang­ani.

Iphoyisa kuthiwa liye kobebekwe icala lamtshela ukuthi uma engafuni alibuyise enkantolo icala kuzomele alikhokhel­e.

Lithe ngoR10 000 lizoqinise­kisa ukuthi icala aliphinde libuyiswe enkantolo. Iphoyisa lizovela maduze enkantolo.

Khonamanja­lo, uNgqongqos­he wamaphoyis­a, uMnuz Bheki Cele, ngoLwesith­athu ekhuluma nekomiti elibhekele­le ukusebenza kwamaphoyi­sa ePhalamend­e, uthe mahlanu amaphoyisa aboshiwe athinteka emacaleni okubamba inkunzi izimoto zemali.

Uthe lokhu kwenzeke esikhathin­i esingamaho­ra awu-24.

Akazange ande ngokuthi angobani amaphoyisa aboshiwe nokuthi azovela nini enkantolo.

UCele uthe kuyamdumaz­a ukuthintek­a kwamaphoyi­sa emacaleni.

Kusasa kulindelek­e ukuthi avakashele eManguzi ukuze anikeze umphakathi umbiko ngamacala okweqa umngcele ngaphandle kwemvume namanye amacala abekhathaz­a abantu baseManguz­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa