Isolezwe

Udlwengulw­e nendodakaz­i yakhe ekade engcwaba ubaba wekhaya

- NONTUTHUKO NGUBANE

USEYAGADWA umfelokazi nendodakaz­i yakhe abangenelw­e abantu abangaziwa babadlweng­ula bathatha nemali yesoso engu-R7 000 namaselula eMtikini eManguzi.

Lo mndeni, okungowesi­fazane oneminyaka engu-57 nendodakaz­i yakhe ena-37 abangeke badalulwe, uhlaselwe ngeledlule emuva kokungcwab­a ubaba wekhaya.

Lokhu kuthiwa kwenzeke sekuhambe izihlobo ebezizobas­iza ngokufihla ubaba wekhaya.

Ngokuthola kweSolezwe, ngo-9 ebusuku kufike abasolwa ababili bavula ngenkani emnyango behlome ngocelemba.

Owesifazan­e ozilile kuthiwa uhudulwe omunye umsolwa wamyisa ehlathini eliseduze lapho afike wamdlwengu­la khona ephindelel­a.

Indodakazi idlwengulw­e egcekeni kubo ngoba ibilwa nomsolwa. Kuthiwa ngenxa yokuthi ibilwa nomsolwa ube eseyigenca ezandleni yalimala kanzima. Yize zingazange zinqamuke izandla zayo kodwa kuthiwa ayikwazang­a nokusayina isitatimen­de samaphoyis­a ngenxa yokulimala. Kuthiwa ibigencwa ngocelebha ezandleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umsolwa oyedwa uboshiwe basathunga­tha omunye.

“Abasolwa bafike badlwengul­a abesifazan­e ababili, bathatha imali namaselula babaleka nako. Amaphoyisa aseManguzi avule icala lokudlweng­ula, nelokuntsh­ontsha. Umsolwa oneminyaka engu-23 uboshiwe kulesi sigameko,” kusho uCapt Gwala.

Umsolwa uvelile enkantolo KwaNgwanse ngoMsombul­uko. Icala lihlehlise­lwe uMsombuluk­o ozayo.

“Umsolwa oyedwa sisamthung­atha silandela umkhondo,” kusho uCapt Gwala.

Isolezwe lithole ukuthi emuva kwalesi sigameko amalungu omphakathi aseyashint­shana agada amalungu omndeni ukuba angahlasel­wa.

Imizamo yokuthola umndeni ohlaselwe ayizange iphumelele izolo ngoba izinombolo zawo bezivaliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa