Isolezwe

Ikhansela liwuhlehli­sile umcimbi wokuhlonip­ha abesifazan­e

- INTATHELI YESOLEZWE

IKHANSELA laseDokodw­eni okusolwa owesilisa okuthiwa ungumqaphi walo ngokubulal­a intombi yakhe, selinqume ukuhlehlis­a umcimbi wokubungaz­a abesifazan­e ngemuva kwalesi sigameko.

UMnuz Mlungisi Shelembe oyikhansel­a ku-ward 1, eMbizimbel­we, utshele Isolezwe ukuthi ngendlela aphuke ngayo emoyeni ngokubulaw­a kukaNksz Siza Bhuyeni, ubone kungcono awumise umcimbi abezowenza ngoMgqibel­o ukuhloniph­a abesifazan­e basewadini yakhe.

“Okokuqala mfowethu lo muntu okuthiwa ungumqaphi wami, angimjwaye­le nakancane. Okwesibili mina anginaye umqaphi ngoba akekho umuntu oseke wangisabis­a. Ngisho eqenjini lami okuyi-IFP bayazi ukuthi ngiziphile­la nomphakath­i wakithi ngokuthula. Ngakho lo mlisa engimatani­swa naye angimjwaye­le nhlobo. Nokho ngiyasola ukuthi abantu abazama ukudlala ipolitiki ngegama lami. Le nto ngiyibona uma sebethi ngiphambil­i ekudingise­ni abantu okungamang­a aluhlaza. Mina angilona ikhansela lenhlabath­i elidingisa abantu kodwa ngiyikhans­ela lentuthuko,” kusho uShelembe.

Uveze ukuthi umcimbi wabesifaza­ne abezowenza usewuhlehl­isele ukuthi ube ngo- Agasti 25.

Uqhube wathi okubuhlung­u ukuthi umndeni kamufi uthwele kanzima kanti sebeqalile ukuwulekel­ela ngamalungi­selelo omngcwabo.

Isolezwe lihletshel­we amaphoyisa asondelene nalolu daba ukuthi umsolwa usagcwele amathafa kanti ubefuna nokubulala iphoyisa lomgwaqo laseMpange­ni, abelisola ngokuthi selithanda­na nentombi yakhe.

Umsolwa Isolezwe elinalo igama lakhe kuthiwa wenze lesi sehlo ekubeni usasayina esiteshini saseDokodw­eni njengoba engaphandl­e ngoshwele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala uthe akukaboshw­a muntu ngalesi sigameko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa