Ikhansela liwuhlehlisile umcimbi wokuhlonipha abesifazane
IKHANSELA laseDokodweni okusolwa owesilisa okuthiwa ungumqaphi walo ngokubulala intombi yakhe, selinqume ukuhlehlisa umcimbi wokubungaza abesifazane ngemuva kwalesi sigameko.
UMnuz Mlungisi Shelembe oyikhansela ku-ward 1, eMbizimbelwe, utshele Isolezwe ukuthi ngendlela aphuke ngayo emoyeni ngokubulawa kukaNksz Siza Bhuyeni, ubone kungcono awumise umcimbi abezowenza ngoMgqibelo ukuhlonipha abesifazane basewadini yakhe.
“Okokuqala mfowethu lo muntu okuthiwa ungumqaphi wami, angimjwayele nakancane. Okwesibili mina anginaye umqaphi ngoba akekho umuntu oseke wangisabisa. Ngisho eqenjini lami okuyi-IFP bayazi ukuthi ngiziphilela nomphakathi wakithi ngokuthula. Ngakho lo mlisa engimataniswa naye angimjwayele nhlobo. Nokho ngiyasola ukuthi abantu abazama ukudlala ipolitiki ngegama lami. Le nto ngiyibona uma sebethi ngiphambili ekudingiseni abantu okungamanga aluhlaza. Mina angilona ikhansela lenhlabathi elidingisa abantu kodwa ngiyikhansela lentuthuko,” kusho uShelembe.
Uveze ukuthi umcimbi wabesifazane abezowenza usewuhlehlisele ukuthi ube ngo- Agasti 25.
Uqhube wathi okubuhlungu ukuthi umndeni kamufi uthwele kanzima kanti sebeqalile ukuwulekelela ngamalungiselelo omngcwabo.
Isolezwe lihletshelwe amaphoyisa asondelene nalolu daba ukuthi umsolwa usagcwele amathafa kanti ubefuna nokubulala iphoyisa lomgwaqo laseMpangeni, abelisola ngokuthi selithandana nentombi yakhe.
Umsolwa Isolezwe elinalo igama lakhe kuthiwa wenze lesi sehlo ekubeni usasayina esiteshini saseDokodweni njengoba engaphandle ngoshwele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCaptain Nqobile Gwala uthe akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.