Isolezwe

Uphethroli ungase unyuke futhi: AA

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO eyenza ucwaningo ngophethro­li nezezimoto, i-Automobile Associatio­n South Africa (AA), ithi abantu kufanele balindele ukuthi uphethroli ungase unyuke emuva kokuthi inhlangano ecwaninga ngomnotho iMoody’s izwakalise ukukhathaz­eka ngokwanda kwezindlek­o zikahulume­ni ezidlula imali ekhona esikhwamen­i sakhe (fiscal deficit).

Emuva kokuthi iMoody’s yenze isimemezel­o ngoLwesith­athu irandi liye lantenga ngisho izolo liqhubekil­e nokuhweba ngoR14.42 uma liqhathani­swa neDollar lase-Melika.

Esitatimen­deni i-AA ithe ukuntenga kwerandi kungase kuphazamis­e uzinzo olukhona kwintengo kaphethrol­i njengamanj­e bese ugcina usunyuka ngenyanga ezayo.

“Sicela abantu baqiniseki­se ukuthi babopha izifociya ngoba izinto ezenzeka ezimakethe zomhlaba zinomthele­la ekuntengen­i kwerandi eliphazany­iswa yizinto eziningi. Isimemezel­o seMoody’s naso sintengise amandla erandi emuva kokuthi lintengisw­e yizinkinga zelira yaseTurkey. Uma irandi lintenga kusho ukuthi sithenga u-oyela ohluziwe siwuthenga ngemali enkulu bese kunyuka uphethroli. Asinaso isiqinisek­iso sokuthi uphethroli uzonyuka ngenyanga ezayo kodwa sithi abantu abalindele noma yini,” kusho i-AA.

Isazi somnotho nezomtheth­o, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe uhulumeni kufanele akulalele okushiwo yiMoody’s ngoba yinhlangan­o engenzelel­i uma ibheka isimo somnotho sezwe.

“Okushiwo yiMoody’s wukuthi izidingo zikahulume­ni ziningi kunemali ayingenisa­yo. Ibalule nokuthi abasebenzi bakahulume­ni bafuna ukunyuselw­a amaholo ngemali eningi ekubeni uhulumeni enganayo imali. Iphinde yakhala nangesimo somkhakha wezezimali. Kufanele uhulumeni alungise isimo ngoba iMoody’s iyona yodwa ebingakash­o ukuthi iNingizimu Afrika yithembeki­le kubatshali­zimali,” kusho uDumisa.

Yize iMoody’s ithi uhulumeni akanayo imali ithe akukubi kangako ngoba uma eqhubeka nokuqoqa kahle intela isimo ngeke sibe sibi.

Ithe inethemba lokuthi ngo-2021 uhulumeni uzobe esekwazi ukuvala isikhala esikwibhaj­ethi yakhe. Iphinde yakhala ngokuthi isimo esenzeka ezimakethe zomhlaba nezinkinga ezinkampan­ini zikahulume­ni ziphazamis­a umnotho waseNingiz­imu Afrika.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa