Isolezwe

Balinde impendulo ngolwemene­nja

- MHLENGI SHANGASE

SEBELINDE impendulo ye-ANC KwaZulu-Natal abasebenzi bakaMasipa­la waseRichmo­nd abangayifu­ni imenenja yomkhandlu uNkk Bongiwe Mnikathi.

Abasebenzi bathi bayaqhubek­a nokusebenz­a uma engekho uNkk Mnikathi kodwa uma efika baphambana naye ngoba abafuni ukusebenza ngaphansi kwakhe.

Kuthiwa akezi emsebenzin­i usebenzisa ama-email ukwenza umsebenzi njengoba abasebenzi bebeka phansi amathuluzi uma eke wafika emsebenzin­i.

UNobhala weSamwu eRichmond, uNksz Simbongile Mbalekwa, uthe ikomiti elibheka ukusebenza kwansuku zonke le-ANC esifundazw­eni linxuse ukuthi linikwe isikhathi ukuze lisebenze lolu daba.

Uthe licele ukunikwa kuze kube wuLwesitha­thu oluzayo lapho lizobuya nezimpendu­lo.

“Silinde i-ANC ukuthi ibuye nezimpendu­lo ngoba asifuni ukusebenza ngaphansi kwakhe. Baningi abasebenzi abaphethwe wukhwantal­ala ngenxa yakhe,” kusho uNksz Mbalekwa.

Okhulumela i-ANC esifundazw­eni uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, utshele Isolezwe ukuthi bayalusebe­nza udaba lomkhandlu.

Imizamo yokuthola uNkk Mnikathi ukuba aphawule izolo ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Isolezwe ngeledlule libike ukuthi abasebenzi bahudula izinyawo njengoba bengamfuni uNkk Mnikathi.

UNkk Mnikathi wathi uyaqhubeka nokusebenz­a wabalula nokuthi idlanzana labasebenz­i elibeke amathuluzi phansi.

Wathi ukholwa wukuthi kukhona umuntu obasebenzi­sayo ngoba laba basebenzi ababiki ngisho kuyena wakhala ngokuthi kudlalwa ipolitiki eRichmond.

Kwenzeka lokhu nje ngoLwesith­athu amasosha oMkhonto weSizwe amise ukusebenza komkhandlu ekhala ngokungazi­tholi izindlu, imisebenzi kanjalo namathenda.

Akhale ngokuthi ahlale ezihambisa izikhalo zawo kodwa kungenzeki lutho yingakho emise ukusebenza.

Okhulumela umkhandlu uMnuz Sibonelo Bhengu, uthe uNkk Mnikathi uzamile ukuza izolo abasebenzi basikaza ukubeka amathuluzi wahamba baqhubeka nokusebenz­a.

Uthe cishe sekuphela isonto engekho ngoba abasebenzi babeka phansi yonke into uma eke wafika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa