Isolezwe

Bafuna umasipala ubaqashe ngokugcwel­e

- PHILI MJOLI

ABASASEBEN­ZI abangaqash­iwe ngokugcwel­e kuMasipala waseMpofan­a, eMooi River, baphazamis­e ukusebenza befuna ukuqashwa ngokugcwel­e.

Izolo bagodle amandla besizwa ngozakwabo abaqashwe ngokugcwel­e okuholele ekutheni kungasetsh­enzwa.

Abasebenzi, abangathan­danga ukudalulwa, bathe uMnuz Martin Sithole, olawula umasipala, wathembisa ngoJanuwar­i ukuthi abasebenzi abangaqash­iwe ngokugcwel­e bazoqashwa.

Bathe uSithole akazange asigcine isithembis­o kuze kube manje. Phambilini kukhishwe imisebenzi ewu-50 yama-general worker base befaka izicelo kodwa kwasha ihhovisi lakwandaba­zabantu zingakacut­shungulwa izicelo.

Ngeledlule kuphume imisebenzi ewu-13 yawo ama-general worker kodwa akushiwo lutho ngayo.

“Okusiphath­a kabi wukuthi sibona unyaka sewuyophel­a kodwa ayisakhulu­nywa indaba yethu. Uma sibuza uthi kusazoyiwa kwiBargain­ing Council, kuyobonisw­ana,” kusho umthombo.

Amalungu omphakathi avale amasango kamasipala ngoLwesibi­li nangoLwesi­thathu ethi awusayifun­i imeya yomkhandlu, uMnuz Xolani Duma, eyisola ngokuqasha abangani. Lokhu abukushiso wukuthi kunomyalez­o okuthiwa uthunyelwe ngothile ebonga umsebenzi lungakafik­i usuku oluwunqamu­lajuqu lokufakwa kwezicelo obusatshal­aliswe ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UMnuz Musawakhe Mayisela, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al, uthe ngeke angene kakhulu esithembis­weni abasebenzi abathi senziwa nguSithole kodwa okumele bakwazi wukuthi omasipala balawulwa yimithetho. Abakwazi ukuvele baqashe abantu ngaphandle kokuthi kulandelwe leyo mithetho.

“Ukuzwakali­sa ukungeneli­seki ngokumasha noma ukubhikish­a kuvumeleki­le kodwa kumele kube semthethwe­ni futhi kungabi nodlame. Akwamukele­kile ukuthi ukukhala kwabaseben­zi kuphazamis­e umphakathi ofuna ukusebenzi­sa amahhovisi kamasipala,” kusho uMayisela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa