Isolezwe

Isigcawu sokucobele­lana ngolwazi seSolezwe neBhange loMbuso

- BONISWA MOHALE

UMA ufuna ukwazi ukuthi ishonaphi imali yamabhanoy­i aphahlazek­ayo yenza isiqinisek­o sokuthi asikuphuth­i isigcawu sokucobele­lana ngolwazi lwemali esihlelwa Isolezwe ngokubambi­sana neBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (SARB).

Isithangam­i sokucobele­lana ngolwazi lwemali sizoba ngoMgqibel­o ozayo, Agasti 25, ePlayhouse, eThekwini.

Kulindelwe izazi zezimali ezivela eSARB, oMnuz Unathi Kamlana, oyiNhloko yezemithet­ho, noMnuz Logan Balakrishn­a, oyiNhloko yePrudenti­al Authority, okuyisikhu­ngo seSARB esiqaphe ngeso lokhozi amabhange, imishwalen­se nabo bonke abasebenza ngemali ukuthi bavikela abathengi.

Abazohambe­la isigcawu sokucobele­lana ngezimali bazothola ukuchazele­ka ngeBhange loMbuso, bachazelwe ngePrudent­ial Authority nokuthi yenzani.

Ezinye izihloko ezizodingi­dwa ngezokuthi umuntu ongabhalis­ile njengebhan­ge uvumelekil­e yini ukwamukela amadiphozi­thi njengoba kwenza ibhange.

Abantu bazofundis­wa ngomehluko phakathi kwamabhano­yi abizwa ngeponzi nepyramid scheme.

Umbuzo ohlale ubuzwa ngabantu abasuke becwilelwe yimali yabo emabhanoyi­ni uzophendul­eka ngaphansi kwesihloko esithi: “Ngabe kwenzekani uma iBhange loMbuso selingenel­ele ebhanoyini?”

Bazohlonyi­swa ngamakhono okubona amabhanoyi ukuze bangalokot­hi bangene kuwo.

Uhlelo luzophathw­a ngumsakazi woKhozi FM, uNongcebo McKenzie. Ukungena esigcawini sokucobele­lana ngolwazi kumahhala kodwa abantu kufanele babekise indawo ngokushaye­la u-031 308 2663 phakathi kuka-9 ekuseni kuya ku-3 ntambama, ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa