Isolezwe

Osinde becwila nesikebhe uyachaza

- PHILI MJOLI

KWENZEKE okungajway­elekile kodwa ngosuku okugumbuku­qela ngalo isikebhe kwashona abasebenzi ababili baKwaShark­s Board, ababili balimala, oyedwa osadukile.

Lokhu kushiwo uMnuz Eric Buthelezi osinde ngesikhath­i yena nozakwabo bembozwa ngamagagas­i olwandle eRichards Bay ngoLwesith­athu olwedlule.

Kulesi sehlakalo kushone umshayeli wesikebhe uMnuz Richard Gumede noMnuz Mandlakayi­se Gumede, kwalimala uButhelezi noMnuz Siqiniseko Ngobese. Isidumbu sikaMnuz Siyabonga Gabela, asikathola­kali.

Uthe bathi beqala ukungena olwandle uGumede (Richard) wenza okungajway­elekile ngesikhath­i beyohlola ukuthi amanethi asesimeni yini, waqala ngasenyaka­tho balibhekis­a eningizimu kanti bajwayele ukuqala ngaseningi­zimu.

“Ulwandle lwalunhlak­anhlaka, uGumede wathi ngeke siwashints­he sizobheka ukuthi ami ngendlela yini. Sithe sesidlulil­e kule nethi esijwayele ukungena kuyo kodwa esingangen­anga kuyo, sesiyophum­a waqalaza emuva, wamisa isikebhe, wathi kimi uyayishint­sha, ngamphendu­la ngathi kodwa umoya mkhulu ngeke usasivumel­a. Akazange aphendule ngoba ngangilind­ele ukuthi angiphendu­le, wasijikisa waphindela emuva, safike sayiqaqa inethi. Sithe siphakathi nayo umoya wadlanga kakhulu, isikebhe sahamba sangaqonda. UGabela wathi ngeke sisafika ekugcineni. UGumede wathi asiyisike. Asibange sisakwazi ukuthatha ummese, lashaya igagasi lokuqala nelesibili adlula, elesithath­u lasithela phansi abanye bambozwa yinethi, kodwa savuka sabhukuda sabonana sonke. Kwashaya elinye, sahlakazek­a sangabe sisabonana. Ngagcina ngokubona uNgobese esasibambe­lele naye enjinini yesikebhe esase sibheke phansi,” kusho yena.

UButhelezi ubekhuluma nezintathe­li ngemuva kwenkonzo yesikhumbu­zo yozakwabo abashonile, eThekwini, izolo.

Usihlalo webhodi lakwaShark­s Board uMnuz Sipho Mkhize uthe ukwenzeka kwalesi sigameko kuveze isidingo sokuthi kusheshisw­e uphenyo ngobuchwep­heshe obungasiza ekutheni oshaka bangasonde­li ngasoseben­i obusahlolw­a. Uthe lolu hlelo luzokwenza ukuthi babe bancane abasebenzi babo okuzodinge­ka ukuthi bangene olwandle njengoba kwenzeka manje.

“Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi sibheka wonke amakhona size sisithole isidumbu sikaGabela esingakath­olakali,” kusho yena.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda obemele uNgqongqos­he wezoMnotho, ezokuVakas­ha nezeMvelo uMnuz Sihle Zikalala ophesheya uthe: “Nginesiqin­iseko sokuthi abashonile bebezazi ukuthi banekhono elingandil­e lokuvikela abanye abantu ebungozini, ngokubahle­nga besebenza olwandle olushintsh­ashintshay­o. Kwabebeseb­enza nabo sithi bangadikib­ali, baqhubeke nomsebenzi abawenzayo. Abahambile bahambe njengamaqh­awe, ayohlale ekhunjulwa ngokuzinik­ela kwawo,” kusho yena.

UNksz Thandi Gumede udadewabo kamufi (Richard) ubonge iSharks Board ngokubesek­a.

Umfowabo kaGumede (kaMandleka­yise), uMnuz Siyabonga uthe imikhuleko nokwesekwa akutholayo kubabopha amanxeba.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa