I-IFP ibonge uZuma ngomtholampilo
I-IFP ibonge owayengumengameli wezwe kuleli, uMnuz Jacob Zuma, ngokungasebenzisi ipolitiki uma abantu bamanye amaqembu becela kuye intuthuko.
Lokhu kugqame izolo ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dhlomo, evula umtholampilo iThathezakhe Ngobese, eKhiphinkunzi, eNquthu.
Inkosi uThathezakhe Ngobese, okuqanjwe ngaye umtholampilo, obuye abe yisigagagayi se-IFP, uthe umtholampilo bawucela kuZuma esengumengameli wezwe neqembu uKhongolose ngoba bebona usizi emphakathini.
“Ngithi angibonge kuMsholozi ukuthi yize mina ngisonta kwenye inkonzo okuyi-IFP kodwa akazange angibuke kanjalo uma ngicela ukuba aselekelele ngomtholampilo. Wathi uzoqinisekisa ukuthi uhulumeni wakhe uyayiphendula imithandazo yami. Ngacela kuZuma ngoba ngiphethwe kabi wukuthi abantu bagulela emakhaya baze badlule emhlabeni ngoba bengakwazi ukufinyelela esibhedlela saseNquthu, iCharles Johnson Memorial (CJM) ngenxa yezokuthutha nemali. Ngibonga angiqedi kuZuma nakuNdunankulu uWillies Mchunu,” kusho uNgobese.
Umcimbi ubusenkantolo yenkosi eseduze komtholampilo, nokuyibanga elingamakhilomitha awu-10 ukusuka edolobheni eNquthu ngemoto.
UDhlomo unxuse umphakathi ukuthi ukukhuthalele ukuhlolela izifo ezehlukene emtholampilo ukuze uhlale uzazi isimo sawo.
Ubuye wanxusa ukuba umphakathi nabasebenzi baphathane kahle kungabibikho ukuklwebhana.
Ukusho lokhu ebabaza impatho ayibonile esibhedlela saseNquthu asivakashele ekuseni ngaphambi kokuza emcimbini.
Utheleke eCJM kungazelele muntu waxoxa neziguli nabasebenzi nezikhulu zaso. Uthole ukuthi kunemfudumalo nokunakekelwa kweziguli okusezingeni elincomekayo.
Umtholampilo ngomunye wemitholampilo ewu-14 ephakela isibhedlela saseNquthu, esibhekene nokusiza umphakathi ongaphezulu kuka-150 000 ngokwezibalo zakwaStats South Africa.
“Lokhu engikubone esibhedlela saseNquthu kungihlabe umxhwele. Abasebenzi bakhombisa ukuzikhandla yize benengcindezi. Lokhu kuyasikhombisa ukuthi izisebenzi zethu kuhulumeni ziyawulandela umgomo kaNdunankulu othi: ngisebenza ngokuzikhandla ngisho kungekho ongibhekile. Okuhle wukuthi neziguli ziyakuthokozela ukuba seCJM ngenxa yempatho yabahlengikazi nezikhulu zesibhedlela,” kusho uDhlomo.
Isibhedlela sibe sematheni eminyakeni eyedlule ngesikhathi iziguli zikhala ngokunganakwa nangempatho engagculisi.
Phakathi kwezikhalo bekuba wukuthi ngamaholidi udokotela uba yedwa futhi naye ufika seliyoshona ilanga ethi uzobheka abalimele kuphela.