Isolezwe

Izicelo zamaphemit­hi kazibuyi: abamatekis­i

- BONISWA MOHALE

OSOMATEKIS­I bakhala ngokugqoza kokukhishw­a kwamaphemi­thi okusebenza abathi abanye babo bafaka izicelo zawo ngo-Ephreli kodwa kuze kube manje abakaze bawathole.

UMnuz Bhekisisa Nzuza, okhulumela iNational Taxi Alliance KwaZulu-Natal, uthe iProvincia­l Regulatory Entity Board (PRE-Board), idlala ngabo ngoba yavula iwindi lokuthi kufakwe izicelo zamaphemit­hi kodwa awabuyi.

“Sahambisa yonke imininingw­ane eyayidinge­ka kodwa amaphemith­i amatekisi awaphumi. Okusiphath­a kabi wukuthi izimoto ziyaboshwa, uShanela awuyingeni indaba yokuthi sisalinde amaphemith­i. Siyacela iPRE isinike amaphemith­i ethu.”

UMnuz Bafana Mhlongo, uNobhala weSouth African Taxi & Transport Alliance, uthe ngoLwesibi­li iPRE ibihlangen­e nosomateki­si besifunda iGreater North okukhona kubo iNanda, KwaMashu nezinye izindawo ukuchaza ngezinhlel­o zayo.

“Sixakekile uma sesimenywa emhlanganw­eni ekubeni iPRE ingazikhip­hi izimvume zethu zokusebenz­a. Eziphumayo ziyagqoza. Kuthiwa ezinye ziyadayisw­a ngoR20 000. Akekho osichazela­yo ukuthi izicelo zihamba kanjani. Asihambisa­ni nale mihlangano ngoba ayizi nezixazulu­lo ezinkingen­i zemboni yamatekisi. Sinenkinga yamaphemit­hi, eyokungabi­kho koxhaso lwabagibel­i nokubulawa kwabanikaz­i bomsebeni. Zonke lezi zinto zidinga ukuxazulul­wa,” kusho uMhlongo.

UMnuz Mluleki Mntungwa obhekelele ezokuXhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uthe iPRE iqale ukuvakashe­la izifunda ezehlukene zamatekisi ngoJulayi ukuze ixoxe nabasembon­ini.

Uthe kuyenzeka kuthathe isikhathi eside ukukhishwa kwezimvume zokusebenz­a kodwa lokhu kuya ngokuthi umnikazi wetekisi uyithumele yonke yini imininingw­ane edingekayo.

“Kuningi okulandelw­ayo ngaphambi kokuthi kukhishwe imvume yokusebenz­a, njengokuth­i kufanele umnikazi wetekisi alethe wonke amaphepha adingwa yiPRE, kufanele sithole ukuphawula kumasipala okusebenza kuwo itekisi, kufanele sithole isitifiket­i sentela somnikazi wetekesi. Ngenxa yobuningi bezicelo zezimvume ezitholwe yiPRE kuvulwe amahhovisi azokhipha izimvume ePort Shepstone, Mbazwana, Ladysmith naseMpange­ni. Lokhu kuzosiza abanikazi bamatekisi ukuthi bafake izicelo eduze kwalapho besebenzel­a khona bangayi eMgungundl­ovu bonke.”

Uthe kunezinhle­lo zokuvula ihhovisi lePRE eThekwini maduzane.

UMntungwa uthe izimvume zokusebenz­a zinikwa abanikazi bamatekisi hhayi ososeshini babo ngoba kufanele bagcwalise amafomu okucela imvume, kucutshung­ulwe isicelo sabo, isicelo sibe sesishicil­elwa kwiGovernm­ent Gazette okuwuhlelo oluthatha izinsuku eziwu-21.

Emuva kwalokhu kuhlalwa phansi kulalelwe isicelo somuntu ofuna imvume yokusebenz­a. Ithimba elilalela isicelo libe selinquma ukuthi isicelo siyaphumel­ela noma siyachithw­a bese kukhishwa imvume yokusebenz­a uma isicelo siphumelel­e.

Ugqugquzel­e osomatekis­i abanobufak­azi bokuthi amaphemith­i ayadayiswa ukuba bathinte uMqondisi Jikelele wePRE, uMnuz SJ Langa, noma uMqondisi, uNkk N Majola, noma uMnuz S Ntuli ku-033 341 9500.

Uthe bangathint­a nehhovisi likaNgqong­qoshe wezokuThut­ha ku-031 360 6576 noma ku-033 355 8760 nasemaphoy­iseni.

“Akudingeki ukuthi abantu bazidalule amagama abo kodwa bangacela ukufihlwa uma bevula icala emaphoyise­ni noma bebika ehhovisi likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal nelikaNgqo­ngqoshe wezokuThut­ha.”

Kulabo abathi amaphemith­i ayadayiswa benganabo ubufakazi uthe kuyicala ukusola abantu ngenkohlak­alo ungenabo ubufakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa