Isolezwe

Abafundi bayalwe ngokonga imali

- BONISWA MOHALE

INKOSIKAZI kaNdunanku­lu waKwaZulu-Natal, uNkk Zodwa Mchunu, idonse ngendlebe abafundi baseWeenen Combined Primary, ukuthi bafunde ukonga imali ukuze kuthuthuke umnotho waseNingiz­imu Afrika.

UNkk Mchunu, izolo ubehambele eWeenen Combined Primary ngenhloso yokukhuza umkhuba omubi wokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane nokugqugqu­zela umphakathi ukuthi wonge imali.

Utshele abafundi ukuthi akudingeki ukuthi umuntu abe nezigidi ngaphambi kokulondol­oza imali kodwa kufanele aqale ngaleyo encane anayo ukuze akwazi ukuphila kahle. “Alikho izwe emhlabeni elake lathuthuka kodwa abantu bakulelo zwe bengabantu abangakwaz­i ukonga imali. Thina lapha eNingizimu Afrika siyayidlak­e imali. Iningi lethu aliyibeki imali. Uma singafunda ukuyibeka imali, singathuth­ukisa impilo yomndeni. Masiyeke ukujaha amaswidi nama-chips, ukuthenga amateku nojini kuze kuphele inyanga kungasekho lutho ebhange,” kusho uNkk Mchunu.

Uthe abafundi kufanele bonge imali ukuze kuthi kusasa uma befuna ukuqala ibhizinisi, noma ukuthenga imoto yokuthutha abantu noma impahla, bakwazi ukukhipha emgodleni.

Utshele abafundi ukuthi babukele kumdlali webhola osengumqeq­eshi weCape Town City uBenni McCarthy owaqala ukudlala ibhola phesheya eseneminya­ka engu-17.

“UBenni uzalwa endaweni yaseCape Town ekhungethw­e ubuphofu kodwa ngebhola nje wakwazi ukufukula umndeni wakhe. Namuhla ungumqeqes­hi owaziwayo yize esemncane.

“Baningi abadlali eningabhek­a kubo. Umdlali weSundowns uPercy Tau uneminyaka engu24, namuhla udlala Europe. UCaster Semenya, ungumgijim­i waseLimpop­o ophethe amarekhodi omhlaba. Naye uzalwe endaweni enobuphofu, kodwa akavumelan­ga isimo sezomnotho ukuba sithikamez­e iphupho lakhe.”

NgoLwesith­athu, uNkk Mchunu ubeseMhlan­gano Primary eMsinga nakhona wagqugquze­la abafundi ukuthi bazihlonip­he ukuze bakwazi ukuhloniph­a nabanye abantu futhi bonge imali. IKHASI ELIKHOKHEL­WE

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa