Ziyavulwa izikhungo zokubhalisela olokuchibiyela
KUZOVULWA izikhungo zokubhalisela ukuvota kule mpelasonto KwaZulu-Natal naseMpumalanga njengoba kuzoba nokhetho lokuchibiyela ngo-Okthoba 3, 2018.
Izikhungo zizovulwa ngo-8 ekuseni zivalwe ngo-5 ntambama kusasa nangeSonto. Kazidingeki izincwadi zekheli kubavoti.
Okhulumela ikhomishini yezokhetho uNksz Kate Bapela, uthe kuyicala ukuthi abantu babhalise lapho bengahlali khona.
Uthe izikhungo ezizovulwa ziku ward 71, eThekwini, ward 3 kuMasipala waseMhlathuze, ward 3 eMthonjaneni nakuward 25 kuMasipala waseSteve Tshwete, eMpumalanga.
Kuward 71 eThekwini babalelwa ku-21 000 abavoti ababhalisele ukuvota kule ward.
“Abafuna ukuvota okuyisipesheli bangavotiswa emakhaya ngo-Okthoba 2. Bangafaka izicelo emahhovisi ale khomishini kusuka ngoSepthemba 17 kuya kuSepthemba 21.”
Khonamanjalo, yonke into isimi ngomumo ngokhetho lokuchibiyela oluzobangwa i-ANC, DA, ACDP ne-EFF oluzoba ku ward 7, kuMasipala waseMngeni ngoLwesithathu oluzayo. Isitatimende sekhomishini siveze ukuthi le ward izobe ibangwa nguNkk Lisa Michelle Andrew we- African Christian Democratic Party, uMnuz Thokozani Treasure Makhathini we-ANC, uNkk Pamela Anne Passmoor weDA noMnuz Khethukuthula Perfect Mbhele we-EFF.
Isitatimende sithi phambilini i-ward yayiphethwe yi-DA kwavuleka isikhala ngemuva kokusula kwekhansela.
“U-73.75% wabantu abaphuma bayovota okhethweni lohulumeni basekhaya ngo2016. I-DA yawina ngamavoti angu-80%,” kusho lesi sitatimende.
Nase-Eastern Cape naseNorthern Cape kuzochitshiyelwa.
E-Eastern Cape ukhetho luzoba kuwadi 26, kumasipala waseMbizana.
Kuzobe kubanga i-ANC, EFF, Socialist Party of South Africa ne-United Democratic Movement.
ENorthern Cape ukhetho luzoba kwawadi 1. Kuzobanga i-ANC, DA, EFF neKhâi-MA Onafhanklike Kandidate Koalisie.