Wayexakwe usizi osedume nge-chess
LAYIFUNDA lixakwe usizi i-chess iphoyisa eselidume ngokwenza imincintiswano yalo mdlalo ezikoleni ngaphansi kwenhlangano yobengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
UMnuz Sfiso Xulu waseNkandla onguSihlalo weKwaZulu Chess ayisungula ngo-2008, uthe wayifunda esahlala ehostela KwaMashu. Manje usefisa idlalwe kuzo zonke izikole ngoba inkulu imfihlo yokuhlakanipha ephethwe yilo mdlalo.
“Lo mdlalo bekwaziwa ukuthi udlalwa abantu abayizigwili noma owabesilisa kuphela. Abanye bebecabanga ukuthi ngowezigebengu. Engikutholile ukuthi i-chess ithuthukisa ukucabanga komuntu. Yingakho ngakhetha ukuthi ngiyiqale ezikoleni zabamabanga aphansi ukuze izingane zikhule nayo,” echaza.
Mayelana nokusebenza noZuma uthe naye wahlangana naye eyombikela usizi lwakubo, beshonelwe amalungu amane. Wasala esesebenzisa lelo thuba ukubika ngezifiso zakhe zokufundisa i-chess ezikoleni. Imidlalo ebizwa ngeChess Tournament yaqalwa ngokusemthethweni ngoDisemba 2009, eNkandla. Kulo mcimbi wokuyethula kwakukhona noZuma, uXulu waqala ukuyifundisa ezikoleni zaseNkandla emncintiswaneni obubizwa ngeJZ Chess Open.
Ngo-2013 umncintiswano wasabalala nakwezinye izikole okubalwa ezaseNquthu, eBabanango, eMelmoth, eMpangeni, eNanda naKwaMashu. Umncintiswano uba sezindaweni ezahlukene kane ngonyaka.
“Sesinohlelo lokuqeqesha othisha nabafundi ukuze nabo bafundisane bodwa. Isifiso sami ukuthi i-chess ifundwe ezikoleni zonke kuleli. Ocwaningweni ngithole ukuthi ezikoleni zaseRussia lapho i-chess iyingxenye yezifundo, zenza kahle kakhulu. I-chess isiza ngokuthi ingane ikwazi ukucabanga, ihlakaniphe okungasiza nokuthi iphaphame nakwezinye izifundo. Isiza umuntu ukuthi athathe nezinqumo ezifanele. Ingane ikwazi ukuzimela futhi izethembe,” kusho yena.
Uveze ukuthi i-chess ungakwazi ukuziphilisa ngayo ngoba inamazinga, ongagcina udlalela amaqembu omhlaba.
Uthe okwenze ukuthi uZuma akwamukele ukusebenza naye kwi-chess ukuthi naye wayevele eyithanda. Uthe wamtshela ukuthi wayeyidlala esasejele eboshelwe ezepolitiki futhi yamsiza ukuthatha izinqumo eziphusile. Ngaphandle kokufundisa i-chess ezikoleni uXulu uyiPhini likaSihlalo weKZN Chess Team. Uphinde abe yiMarketing and Development Officer yeSAPS Chess Association.