Umbukiso wosomabhizinisi eBridge City
KUMI ngomumo ngamalungiselelo ombukiso wamabhizinisi iNorth Regional Fair eqala namhlanje enxanxatheleni yezitolo, iBridge City ize iphele ngeSonto.
Abahlela iNorth Regional Fair bathe sebelinde ukwamukela osomabhizinisi abazoba yingxenye yalo mbukiso.
Esitatimendeni bathe kulindelwe ukuthi iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ithule umkhankaso weRadical Economic Transformation (RET) Database, lapho osomabhizinisi bezindawo ezihlukene bezofundiswa ngokusebenzisana nomasipala.
UNkk Gumede uthe ukuba khona kohlu losomabhizinisi basezindaweni ezahlukene kusukela emalokishini kuya kwezasemakhaya kuzosiza, ukuletha amathuba ebhizinisi kulezi zindawo. “Ngizohambela zonke izifunda zeTheku ngiyoqinisekisa ukuthi kunohlu losomabhizinisi ukuze kuthi uma kuvela amathuba omnotho bahlomule. NgoFebhuwari sethule imigomo yeRET. Sizochazela osomabhizinisi ukuthi kusetshenzwa kanjani nomasipala.”
Okuzohlaba abantu umxhwele yisihloko samathenda nepolitiki esizodingidwa yiPhini leMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Phillip Sithole.
Uzochazela osomabhizinisi ngemigomo elandelwayo uma umuntu esebenza nomasipala, imithetho emile nokuthi abaluleke ngani amathenda ekuthuthukisweni komnotho.
Umphakathi ungena mahhala ukuze ufunde ngamathuba okuthuthukisa osomabhizinisi, ubone impahla edayiswa wosomabhizinisi bezindawo ezahlukene, uhlomule nasezingxoxweni ezethulwa yizikhulumi. Indikimba yeNorth Regional Fair ithi Rural and Township Economic Revitalisation.