Isolezwe

Usamangele ozibonele kudutshulw­a umngani

- LUNGI LANGA

UBULAWELWE ukubuza ukuthi badatshule­lwani phakathi benomngani wakhe abehamba naye umlisa wasehostel­a laseMlaza iGlebeland­s okuthiwa udutshulwe abantu abangaziwa ebuya kovakasha eLamontvil­le.

Umngani kaMnuz Zoliswa Nyathi obehlala eBlock Z, eGlebeland­s uthe namanje usamangele ukuthi usinde kanjani ngesikhath­i behlaselwa amadoda angaziwa nomngani wakhe ngoMgqibel­o ebusuku.

UNyathi oshonele esibhedlel­a ngoMsombul­uko, benomngani wakhe kuthiwa bebebuya komunye umngani wabo eLamontvil­le behamba ngasegaraj­i lakwaShell kuSouth Coast Road ngesikhath­i kuqhamuka abalisa bebadabula phakathi ngezithuba zabo-8 ebusuku ngoMgibelo.

“Besihamba sizixoxela singalinde­le ukuthi singahlang­abezana nalesi simo. Laba bantu bebebane noma bebahlanu. Baqhamuke emuva kwethu basidabula phakathi abanye basikaka ngapha nangapha. Umngani wami ubabuze ukuthi kodwa bakwenzela­ni lokhu. Abamphendu­langa, kuvele kwaphendul­a oyedwa ngenhlamvu wamdubula esiswini base beyahamba,” kusho lo mlisa.

Uthe laba balisa abazange basho lutho emuva kokudubula umngani wakhe, bavele bahamba babaleka bayongena emijondolo engasegara­ji. Uthe namanje usamangele ngoba abazange bamkhombe ngasibhamu yena emuva kokuthi sebedubule umngani wakhe.

“Ngashaqeka ngesikhath­i bemdubula ngasala ngimbambe ngesandla ngase ngagijima ngayobheka abantu abangasiza ngemoto khona eLamonti la esasikhona. Sibe sesimthath­a samphuthum­isa esibhedlel­a eWentworth wafakwa ukhonkolo ngoba kutholakal­e ukuthi uphuke nonyawo wase edluliselw­a eKing Edward nalapho abafike bamhlinza khona waphetha ngokushona ngoMsombul­uko,” kusho umngani wakhe.

Uthe lesi sigameko simphathe kabi njengoba besuka bonke ndawonye e-Eastern Cape noNyathi futhi sebebe abangani isikhathi eside.

Uphinde wathi akakholwa ukuthi lesi sigameko sihlobene nokubulawa kwabantu basehostel­a. Uthe ukholwa ukuthi laba balisa bebenochuk­u nokuthi bebengabal­andeli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi baphenya icala lokubulala emuva kokuhlasel­wa kukaNyathi.

Uthe asikaziwa isizathu sokubulawa kwakhe okwamanje. Akukaboshw­a muntu.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? KUSHONE ingwazi yaseMelika yomculo we-soul u-Aretha Franklin ebihlaselw­e wumdlavuza
Isithombe: SIGCINIWE KUSHONE ingwazi yaseMelika yomculo we-soul u-Aretha Franklin ebihlaselw­e wumdlavuza
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa