Isolezwe

Akasekho umculi we-soul u-Aretha Franklin

- THOKOZANI NDLOVU

KUGCINE kuyenele ingwazi yomculo we-soul yaseMelika, u-Aretha Franklin (76), okushone elayizolo sekuqinise­kisiwe ukuthi ishonile.

Lo mculi ushona nje bekuvele sekubanjwe umoya ngesimo sempilo yakhe njengoba imibiko yabezindab­a ike yakuveza kuleli sonto ukuthi kubi kulo mculi.

Kuthiwa abevele esemancane amathemba okuthi lo mculi uzoba ngcono ngendlela abebambeke ngayo.

Isitatimen­de somndeni wakhe sikuqinise­kisile izolo ukuthi akasekho emhlabeni. Kuthiwa ushone ngo-9:50 ekuseni izolo ekhaya eDetroit. Ngesikhath­i eshona kuthiwa ubenomnden­i wakhe ngokusho komkhulume­layo uGwendolyn Quinn.

Kuthiwa ubephethwe wumdlavuza wamanyikwe, umgudu wawo kanye nezitho zomzimba ezibucayi eziseduze kwawo nokubalwa kuzona ububende.

Lesi sifo esimthathi­le siqiniseki­swe wudokotela wakhe uDkt Philip Phillips weKarmanos Cancer Institute in Detroit.

Ukushaya umculo osezingeni eliphezulu kwenza wagcina esebizwa ngeQueen of Soul.

Isitatimen­de somndeni kaFranklin sithe, “Kulo mzuzu onzima siphelelwa ngamagama okuchaza ubuhlungu esibuzwayo ngokushona kwakhe. Silahlekel­we singumnden­i. Uthando abenalo ngezingane zakhe, abashana, abazukulu nabakwabo belungenam­khawulo.”

Siphinde saveza ukuthi bayijabule­le indlela abasekwe ngayo abangani, izihlobo nabalandel­i bomculo wakhe ngemikhule­ko yabo. Siqhuba sithi uthando olukhonjis­we abantu ngoAretha luveza ngokusobal­a ukuthi umlando wakhe ngeke uphele. Siphethe ngokuthi umndeni ucela ukunikwa ithuba kulesi sikhathi sokuzila. Amalungise­lelo omngcwabo wakhe kuvele ukuthi azomenyeze­lwa ngokuhamba kwesikhath­i.

U-Aretha kuthiwa bese kuneminyak­a ebambekile kodwa ubengawuve­zeli umphakathi ngokungaph­ili kwakhe.

Ngo-2017, u-Aretha umemezele ukuthi uzoke ame ukuba nemijikele­zo yokuyonand­isa ezindaweni ezahlukene ngenxa yesimo sempilo yakhe kodwa wathi uzoya konandisa uma eqashiwe kuphela. Ngasekuqal­eni kwalo nyaka uchithe imicimbi eminingi abeqashwe kuyona ngenxa yalesi simo abebhekene naso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa