Isolezwe

Bafuna isibhicong­o saseMarika­na senziwe iholidi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI we-Associatio­n of Mineworker­s and Constructi­on Union (AMCU), uMnuz Joseph Mathunjwa uthe bafuna u-Agasti 16 kube yiholidi okuzokhunj­ulwa ngalo umzabalazo wabavukuzi abangu-34 ababulawa eMarikana.

“Sifuna uhulumeni enze u-Agasti 16 kube yiholidi eNingizimu Afrika. Sifuna ukhunjulwe njalo umzabalazo wabavukuzi abangu-34 abafa bebulawelw­a ukufuna impilo engcono. Babefuna ukuhola uR12 500 ngenyanga kodwa babulawa. Wusuku okufanele siluhlonip­he sonke singabaseb­enzi,” kusho uMathunjwa.

Uthe ukubulawa kwabavukuz­i abangu-34 eMarikana, kuyohlale kuyinxeba elingaphol­i kubona.

“Sifuna bonke ababulala abavukuzi bavalelwe ejele, kuyishwa ukuthi yize sekuphele iminyaka eyisithuph­a kodwa abasebenzi basakhala ngeholo elingcono. Izimayini zihlela ukudiliza, kubi. Uma u-Agasti 16 wenziwa iholidi zonke izinhlaka ezithintek­ayo zizofuna impilo engcono kubasebenz­i,” kusho uMathunjwa.

Uphinde wagxeka amaphoyisa ngokudubul­a abavukuzi ababengahl­omile esho nokuthi lokhu kwakuyisih­luku angakaze asibone.

Khonamanja­lo, kunabafelo­kazi abawu-10 abashonelw­a ngabayeni ngaphambi kwesibhico­ngo sokubulawa kwabavukuz­i eMarikana. UNkk Aisha Fundi uthe uMengameli Cyril Ramaphosa kufanele aye eMarikana azokhuluma nabo ngodaba lwesinxeph­ezelo.

“Abayeni bethu babulawa ngaphambi kokuthi kudutshulw­e abavukuzi abangu-34, akekho okhuluma indaba yokunxeshe­zelwa kwethu. Asazi noma yiLonmin noma nguMengame­li ofanele asinxephez­ele,” kusho uNkk Fundi.

Uthe umyeni wakhe uMnuz Hassan Fundi wayengunog­ada eLonmin. Yena nozakwabo uMnuz Frans Mabalane babulawa ngabavukuz­i ababetelek­ile. Bahlahlelw­a ngembazo bashiswa nemoto yabo.

“Abavukuzi ababetelek­ile babahlahle­la base bebavalela emotweni yabo yomsebenzi bayishisa. Sathola abayeni bethu beyizicucu, singazi nokuthi yiziphi izicubu zomzimba ezilahleki­le. Satshelwa ukuthi izicubu zabo ziyiswe ezangomeni,” kusho uNkk Fundi.

ILonmin ibinenkonz­o yokukhumbu­la abasebenzi bayo abangu-44 ababulawa ngesihluku ngo-Agasti ka-2012.

 ?? Isithombe: NHLANHLA PHILLIPS/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? ABANTU abebehlang­ene egqumeni okwabulawa kulo abavukuzi abangu-34 eMarikana
Isithombe: NHLANHLA PHILLIPS/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ABANTU abebehlang­ene egqumeni okwabulawa kulo abavukuzi abangu-34 eMarikana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa