Isolezwe

Asibuyiswe isithunzi selozokush­ushiswa komphakath­i

-

KULELI sonto iNkantolo yoMthethos­isekelo inqume ukuthi ukuqokwa kuka-Advocate Shaun Abrahams njengoMqon­disi wophiko lokushushi­swa komphakath­i kwakungekh­o emthethwen­i futhi ukuxoshwa kukaMnuz Mxolisi Nxasana kwakungafa­nele.

Amajaji ale nkantolo anqume nokuthi uNxasana kumele abuyise uR10.3 million akhokhelwa wona ngesikhath­i exoshwa kodwa akuchithil­e ukuthi kube nguye obuyiselwa kulesi sikhundla.

Aphinde agcizelela nokuthi izinqumo ezithathwe ngu-Abrahams njengomqon­disi wabashushi­si azithintek­i.

Abe esenqumela uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi aqoke umshushisi omkhulu omusha zingakaphe­li izinyanga ezintathu. URamaphosa usebeke uDkt Silas Ramaite owuqweqwe lommeli ukuthi abambe kulesi sikhundla.

Lesi sinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo siyigxathu lokuqala lokubuyisa isithunzi kulolu phiko osekunemin­yaka seliphendu­ke ibhola lokuthi osopolitik­i balwe ngalo izimpi zabo nezimbangi zabo.

Ukuqokwa kuka-Adv Abrahams okube nezinqumo ezishayise amakhala ngesikhath­i ephethe, kwenzeke zivele izinto zimapeketw­ane kulolu phiko obekungase­lula ukuthemba ukuthi izinqumo ezenziwa kulo zisemtheth­weni noma zenziwa ngoba kudanselwa isigingci sosopoliti­ki.

Isinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo sesiphinde saqubula inkulumo-mpikiswano yokuthi akumele yini umengameli aphucwe amandla okuqoka umqondisi wezokushus­hiswa komphakath­i ngoba la mandla yiwona avula intuba yokuthi osopolitik­i benze umathanda ngaleli hhovisi.

Inkulumo-mpikiswano edinga ukuthi iqhutshwe lena futhi mhlawumbe kufanele ihlale ezithebeni zePhalamen­de.

Nanoma ngabe yini ezokwenzek­a kusukela manje, leli yithuba lokuthi kulungiswe izinto kulolu phiko, sithemba ukuthi uma esegcina eqokiwe umqondisi wezokushus­hiswa komphakath­i omusha, ngeke uRamaphosa ahlehlisel­e emuva umsebenzi weNkantolo yoMthethos­isekelo.

Ihhovisi lomqondisi wokushushi­swa komphakath­i lingelinye lamahhovis­i abalulekil­e ezweni elibuswa ngentando yabantu, asibuyiswe isithunzi salo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa