Agubuzelwe yifu elimnyama amabhizinisi abamnyama
MINA anginayo inkinga uma kukhuthazwa abantu abamnyama kuthiwa abasungule amabhizinisi ukuze baziphilise bangathembeli ekuqashweni ezinye izizwe. Umbuzo engizibuza wona nongaphenduleki uthi kuyoze kube nini abantu abamnyama besungula amabhizinisi angasimami.
Uma kungakhulunywa iqiniso singavumelana sonke ngokuthi maningi amabhizinisi asungulwa yindlu emnyama kodwa agcine efadalele kucwile nemali ebibolekiwe.
MaSolezwe ngicela ningixolele impela uma ngithi angisakuthandisisi ukuthi ngihlale emihlanganweni yokwakha amasu okusungula ibhizinisi ngoba ngiyazi ukuthi lizophetha ngokuwa kuhambe imali yami.
Umuntu othi uVolos uqamba amanga uma ethi amabhizinisi asungulwa abampisholo anenkinga kufanele axoxe nabantu ababoleka imali emabhange balungisa imizi bayenza amaB&B ngoba kuthiwa kuzolala abantu beNdebe yoMhlaba ka-2010.
Iningi labantu lasala lintanta ezikweletini ngoba izivakashi okwakuthiwa zizoqasha izindawo zokulala zagcina sezilala ematendeni zithi zijabulela impilo yangaphandle. Kwenye indawo enomama abaluka amacansi kwafika isikhulu esithile sathi abaluke amacansi abe yinqwaba ngoba zizowathenga ziwaqede izivakashi ezizokwethamela iNdebe yoMhlaba. Omama base beluka amacansi ubusuku nemini ngethemba lokuthi bazokwakha izizumbulu zemali. Uma sekufika izivakashi okufanele zithenge azisathengi zithi amacansi awumthwalo omkhulu ozosinda ebhanoyini.
OkaVolos akakhulumi insumansumane uma ethi la mabhizinisi afufusayo asungulwa yindlu emnyama afufusa aphelele emoyeni. Ngicela ukubuza ukuthi ashonaphi amakhonteyna ayegudle imigwaqo kuthiwa ayibhizinisi loMr Phone, lapho kwakudayiswa khona amaStarter Pack namaairtime. Ngibuza ukuthi ashabalaliswa yini ama-salon ayevulwe kula makhonteyna ngoba amakhanda abantu asekhona? Okufike kube yinkinga wukuthi abantu baqala amabhizinisi awayo, athi esewile baphinde bayoqala amanye azophinde awe. Uma ungakhumbula nje bangaki abantu obaziyo abathi baqala amabhizinisi ngokuthi basungule amatafula kodwa bagcina sebewile. Uma kungathiwa akuchazwe ngezinkinga zebhizinisi lamatafula kungaze kushone ilanga ngoba umuntu uhlala etafuleni lakhe usuku lonke kungathengwa kuze kubole izinto azidayisayo.
MaSolezwe ngicela nimlalele uVolos uma ethi abantu abamnyama kusafanele bafundiswe ngokuqala amabhizinisi ngoba bakhonze ukukopelana. Uma ubuka ibhizinisi lama-coldroom liqale kahle liyenza imali kodwa manje alisayenzi ngenxa yokuthi bonke abantu sebenama-coldroom abawaqashisayo. Kufana naleli bhizinisi lokudayiswa kwezinkukhu nalo elaqala kahle kodwa lajika lafadabala ngenxa yokuthi umuzi nomuzi ubusunehhoko lezinkukhu ezingolamthuthu.
Lokho kuholele ekutheni umuntu nomuntu adle olamthuthu bakhe ngoba akekho umuntu ongayothenga izinkukhu naye ezifuyile.
Ibhizinisi lomuntu omnyama liyohlala linenkinga ngoba alisungulwa ngoba kwenziwe ucwaningo olukhomba isidingo salo kodwa lenziwa ngoba kuzanywa ukubalekela indlala.
Le nkinga yokubulalana ekhungethe imboni yamatekisi isuswa wukuthi wonke umuntu othola imadlana ufuna ukuyothenga itekisi.
Okuyikhona osekudala impi yamatekisi wukuthi kunemilomo eminingi efuna ukudla ikhekhe elilodwa, nosekusho ukuthi kufanele kubulawe abanye ukuze kwehle isibalo semilomo.