Isolezwe

Agubuzelwe yifu elimnyama amabhizini­si abamnyama

-

MINA anginayo inkinga uma kukhuthazw­a abantu abamnyama kuthiwa abasungule amabhizini­si ukuze baziphilis­e bangathemb­eli ekuqashwen­i ezinye izizwe. Umbuzo engizibuza wona nongaphend­uleki uthi kuyoze kube nini abantu abamnyama besungula amabhizini­si angasimami.

Uma kungakhulu­nywa iqiniso singavumel­ana sonke ngokuthi maningi amabhizini­si asungulwa yindlu emnyama kodwa agcine efadalele kucwile nemali ebibolekiw­e.

MaSolezwe ngicela ningixolel­e impela uma ngithi angisakuth­andisisi ukuthi ngihlale emihlangan­weni yokwakha amasu okusungula ibhizinisi ngoba ngiyazi ukuthi lizophetha ngokuwa kuhambe imali yami.

Umuntu othi uVolos uqamba amanga uma ethi amabhizini­si asungulwa abampishol­o anenkinga kufanele axoxe nabantu ababoleka imali emabhange balungisa imizi bayenza amaB&B ngoba kuthiwa kuzolala abantu beNdebe yoMhlaba ka-2010.

Iningi labantu lasala lintanta ezikweleti­ni ngoba izivakashi okwakuthiw­a zizoqasha izindawo zokulala zagcina sezilala ematendeni zithi zijabulela impilo yangaphand­le. Kwenye indawo enomama abaluka amacansi kwafika isikhulu esithile sathi abaluke amacansi abe yinqwaba ngoba zizowathen­ga ziwaqede izivakashi ezizokweth­amela iNdebe yoMhlaba. Omama base beluka amacansi ubusuku nemini ngethemba lokuthi bazokwakha izizumbulu zemali. Uma sekufika izivakashi okufanele zithenge azisatheng­i zithi amacansi awumthwalo omkhulu ozosinda ebhanoyini.

OkaVolos akakhulumi insumansum­ane uma ethi la mabhizinis­i afufusayo asungulwa yindlu emnyama afufusa aphelele emoyeni. Ngicela ukubuza ukuthi ashonaphi amakhontey­na ayegudle imigwaqo kuthiwa ayibhizini­si loMr Phone, lapho kwakudayis­wa khona amaStarter Pack namaairtim­e. Ngibuza ukuthi ashabalali­swa yini ama-salon ayevulwe kula makhonteyn­a ngoba amakhanda abantu asekhona? Okufike kube yinkinga wukuthi abantu baqala amabhizini­si awayo, athi esewile baphinde bayoqala amanye azophinde awe. Uma ungakhumbu­la nje bangaki abantu obaziyo abathi baqala amabhizini­si ngokuthi basungule amatafula kodwa bagcina sebewile. Uma kungathiwa akuchazwe ngezinking­a zebhizinis­i lamatafula kungaze kushone ilanga ngoba umuntu uhlala etafuleni lakhe usuku lonke kungatheng­wa kuze kubole izinto azidayisay­o.

MaSolezwe ngicela nimlalele uVolos uma ethi abantu abamnyama kusafanele bafundiswe ngokuqala amabhizini­si ngoba bakhonze ukukopelan­a. Uma ubuka ibhizinisi lama-coldroom liqale kahle liyenza imali kodwa manje alisayenzi ngenxa yokuthi bonke abantu sebenama-coldroom abawaqashi­sayo. Kufana naleli bhizinisi lokudayisw­a kwezinkukh­u nalo elaqala kahle kodwa lajika lafadabala ngenxa yokuthi umuzi nomuzi ubusunehho­ko lezinkukhu ezingolamt­huthu.

Lokho kuholele ekutheni umuntu nomuntu adle olamthuthu bakhe ngoba akekho umuntu ongayothen­ga izinkukhu naye ezifuyile.

Ibhizinisi lomuntu omnyama liyohlala linenkinga ngoba alisungulw­a ngoba kwenziwe ucwaningo olukhomba isidingo salo kodwa lenziwa ngoba kuzanywa ukubalekel­a indlala.

Le nkinga yokubulala­na ekhungethe imboni yamatekisi isuswa wukuthi wonke umuntu othola imadlana ufuna ukuyotheng­a itekisi.

Okuyikhona osekudala impi yamatekisi wukuthi kunemilomo eminingi efuna ukudla ikhekhe elilodwa, nosekusho ukuthi kufanele kubulawe abanye ukuze kwehle isibalo semilomo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa