Iphelile inhlonipho entsheni yanamhlanje
MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lwenhlonipho entsheni yanamuhla. Iphelile inhlonipho. Intsha ayisakwazi ukuhlukanisa umuntu omdala nontanga. Uma kunemicimbi iyaphoseka, ngisho noma kugezwa uma kuke kwabonakala imbuzi nje ikhulekiwe emzini womuntu.
Uma isihlatshiwe ngakusasa kugcwala okhehlamfana bengamenywanga bafike badelele. Uma uhlangana nengane emgwaqweni iyakugqolozela ingakubingeleli uze ube namahloni uyibingelele wena umdala.
Izingane zanamuhla ziqabulana phambi kwabantu abadala azinandaba, uyena oze ashalaze abheke eceleni, ngeke uzikhuze ngoba zizokutshela ukuthi naka izindaba zakho. Saze sanzima isikhathi esesiphila kuso.
Esinye sezizathu esidale ngibhale ngenhlonipho ephelile entsheni ngukuthi bengihamba ngemoto ngaqhamukela ezinganeni zidlala phakathi nomgwaqo, zagudluka uma sengidlulile ngizwa enye ithi “woshaya ihuthi”.
Uma bekwenzeka ngehla ngiyishaya le ngane uyise wayo noma unina ubezolwa nami engazange ezwe ukuthi ngiyishayeleni. Le ngane engikhuluma ngayo ngithe uma ngiyibuka ngayilinganisa ko-10 weminyaka. Cabanga-ke njengoba mina ngino-55 weminyaka ngidelelwa yingane encane kangaka. Noma ngingelutho isicelo ngisidlulisela kubazali, ake baziqaphele izingane ngoba ziyedelela azazi muntu ungathi ziphila emhlabeni wazo zodwa.
EBhayibhelini encwadini ka-Eksodusi 20 esihlokweni esithi Imiyalelo eyishumi kunevesi elithi, ‘‘Yazisa uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.”
Uma ubuka esikhathini esiphila kuso yintsha efayo. Ngiye ngicabange ukuthi yingoba intsha ayisahloniphi. Thina sisakhula sasithethiswa sishaywa yinoma wubani omdala, manje akusahambi kanjalo. Washaya ingane yomuntu usuzohlaselwa mhlawumbe ubulawe.