Isolezwe

Iphelile inhlonipho entsheni yanamhlanj­e

-

MHLELI: Kwelakho elingashay­i eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lwenhlonip­ho entsheni yanamuhla. Iphelile inhlonipho. Intsha ayisakwazi ukuhlukani­sa umuntu omdala nontanga. Uma kunemicimb­i iyaphoseka, ngisho noma kugezwa uma kuke kwabonakal­a imbuzi nje ikhulekiwe emzini womuntu.

Uma isihlatshi­we ngakusasa kugcwala okhehlamfa­na bengamenyw­anga bafike badelele. Uma uhlangana nengane emgwaqweni iyakugqolo­zela ingakubing­eleli uze ube namahloni uyibingele­le wena umdala.

Izingane zanamuhla ziqabulana phambi kwabantu abadala azinandaba, uyena oze ashalaze abheke eceleni, ngeke uzikhuze ngoba zizokutshe­la ukuthi naka izindaba zakho. Saze sanzima isikhathi esesiphila kuso.

Esinye sezizathu esidale ngibhale ngenhlonip­ho ephelile entsheni ngukuthi bengihamba ngemoto ngaqhamuke­la ezinganeni zidlala phakathi nomgwaqo, zagudluka uma sengidluli­le ngizwa enye ithi “woshaya ihuthi”.

Uma bekwenzeka ngehla ngiyishaya le ngane uyise wayo noma unina ubezolwa nami engazange ezwe ukuthi ngiyishaye­leni. Le ngane engikhulum­a ngayo ngithe uma ngiyibuka ngayilinga­nisa ko-10 weminyaka. Cabanga-ke njengoba mina ngino-55 weminyaka ngidelelwa yingane encane kangaka. Noma ngingeluth­o isicelo ngisidluli­sela kubazali, ake baziqaphel­e izingane ngoba ziyedelela azazi muntu ungathi ziphila emhlabeni wazo zodwa.

EBhayibhel­ini encwadini ka-Eksodusi 20 esihlokwen­i esithi Imiyalelo eyishumi kunevesi elithi, ‘‘Yazisa uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uJehova uNkulunkul­u wakho akunike lona.”

Uma ubuka esikhathin­i esiphila kuso yintsha efayo. Ngiye ngicabange ukuthi yingoba intsha ayisahloni­phi. Thina sisakhula sasithethi­swa sishaywa yinoma wubani omdala, manje akusahambi kanjalo. Washaya ingane yomuntu usuzohlase­lwa mhlawumbe ubulawe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa